Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 2:14 - IsiZulu 2020

14 Kusiza ngani, bazalwane bami, uma umuntu ethi uyakholwa, kepha engenayo imisebenzi na? Ukukholwa kungamsindisa na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Kusizani, bazalwane bami, uma umuntu ethi unokukholwa, kepha engenayo imisebenzi na? Ukukholwa kungamsindisa na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Kusizani, bazalwane bami, noma umuntu ethi unokukholwa, kepha engenayo imisebenzi na? ukukholwa kungamsindisa na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kusizani, bazalwane bami, noma umuntu ethi unokukholwa, kepha engenayo imisebenzi na? ukukholwa kungamsindisa na?

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 2:14
31 Referans Kwoze  

Kodwa ozwayo angenzi, unjengomuntu owakha indlu emhlabathini ngaphandle kwesisekelo; umfula wayishaya, yawa masinyane; kwaba kukhulu ukudilika kwaleyo ndlu.”


Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo, bangabenyanyekayo, abangalaleli, abangalungele lutho oluhle abangalwenza.


Ngaleso sizathu-ke, khuthalelani ukwengeza ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi,


Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.


Ngokukholwa, u-Abhrahama evivinywa wanikela ngo-Isaka, yebo, yena owayemukele izithembiso, wanikela ngozelwe yedwa wakhe,


Ningadukiswa yizimfundiso ezehlukahlukeneyo nezingaziwayo, ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla okungabasizanga nalabo abaphila ngakho.


KuKhristu ukusoka nokungasoki akusho lutho, kodwa ukukholwa okuvezwa wuthando.


Kepha omunye uyakuthi: “Unokukholwa, mina nginemisebenzi;” ngikhombise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi, mina ngizakukhombisa ukukholwa kwami ngemisebenzi yami.


Awunasabelo nalifa kuleli lizwi, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile phambi kukaNkulunkulu.


Ngokuba ngithi kini: uma ukulunga kwenu kungadluli okwezazimthetho nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.


Lithembekile leli lizwi: ngithanda ukuba ugcizelele impela ngalokhu, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Phela lezo zinto zinhle, futhi zinosizo kubantu,


Kepha umgomo womyalo wuthando oluvela enhliziyweni ehlanzekileyo, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisiyo.


sikhumbula umsebenzi wenu wokukholwa, umshikashika wothando, nethemba lenu eliqinileyo eNkosini yethu uJesu Khristu phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu.


Ngokuba nina bazalwane nabizelwa enkululekweni, ningayisebenzisi-ke inkululeko njengezaba zokwenza imisebenzi yenyama, kodwa khonzanani ngothando.


enisindiswa ngalo uma nibambelela ezwini enganishumayeza lona, ngaphandle kokuba ukukholwa kwenu kwaba yize.


Akenzanga mehluko phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokukholwa.


bese omunye wenu ethi kuye: “Hamba ngokuthula, uthokomale; usuthe,” kodwa engamuphi lokho okudingwa ngumzimba, kusiza ngani lokho na?


ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo.


USimoni naye wakholwa; esebhabhadisiwe wamlandela uFiliphu, emangaliswa izibonakaliso nemisebenzi emikhulu yamandla eyayenzeka.


Bhekani, nethembela emazwini angamanga angenanzuzo.


Uma umuntu engayithandi iNkosi, makabe ngoqalekisiweyo. Woza, Nkosi yethu!


Ngokuba ukusoka kuyasiza uma uwugcina umthetho, kodwa uma uyisephulamthetho, ngokusoka kwakho ufana nongasokile.


UJohane waphendula, wathi kubo: “Onezingubo ezimbili, makaphe ongenangubo, nonokudla enze kanjalo.”


Bazalwane bami abathandekayo, ningadukiswa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite