Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 1:6 - IsiZulu 2020

6 Kepha makacele ngokukholwa, engangabazi nakancane, ngokuba ongabazayo ufana nedlambi lolwandle elidudulwa ngumoya, ulise le nale.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Kodwa kacele ekholweni engangabazi lutho. Ngokuba ongabazayo ufana negagasi lolwandle eliqhutshwa umoya linyakaziswa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kodwa kacele ekholweni engangabazi lutho. Ngokuba ongabazayo ufana negagasi lolwandle eliqhutshwa umoya linyakaziswa.

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 1:6
14 Referans Kwoze  

kodwa-ke ngaphandle kokukholwa, kulukhuni ukumthokozisa, ngokuba lowo ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi uyabavuza labo abamfunayo.


ukuze singabe sisaba yizingane, siphonswa le nale ngamagagasi, sipheshulwa yinoma yimuphi umoya wemfundiso ngokukhohlisa kwabantu nangobuqili obunamacebo adukisayo.


Masibambisise isivumo sethemba lethu; singantengantengi, ngokuba uthembekile lowo owethembisayo.


Ningadukiswa yizimfundiso ezehlukahlukeneyo nezingaziwayo, ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla okungabasizanga nalabo abaphila ngakho.


Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamise izandla ezingcwele, engenalulaka nakuphikisana.


Laba bayimithombo eshileyo nenkungu epheshulwa yisiphepho, bagcinelwe isigayegaye sobumnyama.


Ubikizela njengamanzi omfula, kodwa ngeke usaba yingqongqo, ngoba wakhwela embhedeni kayihlo, wawungcolisa; wakhwela embhedeni wami.


UPhethro wayesephendula, wathi kuye: “Nkosi, uma kunguwe ngempela, yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi.”


sukuma, wehle, uhambe nawo, ungangabazi, ngokuba yiMina engiwathumileyo.”


Ngakho-ke lowo muntu makangasho ukuthi uyakwemukeliswa utho yiNkosi,


Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; noma enzile izono, uyakuthethelelwa zona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite