Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 1:5 - IsiZulu 2020

5 Kepha uma kukhona omunye phakathi kwenu oswele ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngokungagodli futhi engabalisi; uyakuphiwa lokho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu opha bonke ngobuhle, engasoli; njalo uzakuphiwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu opha bonke ngobuhle, engasoli; njalo uzakuphiwa.

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 1:5
31 Referans Kwoze  

Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe.


Manje ngiphe ukuhlakanipha nokwazi ukuze ngihole laba bantu, ngokuba ngubani ongehlulela laba bantu bakho abaningi kangaka na?”


Kepha ukuhlakanipha okuvela phezulu okokuqala nje, kuhlanzekile, bese kuba nokuthula, uzwela, ukulalela, futhi kugcwele ububele nezithelo ezinhle; akunalubandlululo nakuzenzisa.


Noma yini eniyakuyicela egameni lami, ngiyakuyenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni.


nalokho esikucelayo Yena uyakusamukelisa khona, ngokuba siyigcina imiyalo yakhe, futhi senza okuthandekayo kuye.


futhi ngimgcwalise ngoMoya kaNkulunkulu, ngamandla okwazi, ngokuhlakanipha nangokwazi lonke uhlobo lomsebenzi wezandla,


Ngakho-ke vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuze niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla kakhulu.


Ngaphezu kwalokho, ngimkhethile yena no-Oholiyabe, indodana ka-Ahisamakhi wesizwe sakwaDani, futhi ngibanike ubuchwepheshe bonke abanamakhono, ukuze benze konke engikuyale ukuba ukwenze:


UJesu waphendula, wathi kuye: “Ukuba ubusazi isipho sikaNkulunkulu, nokuthi ngubani lo othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ ngabe ucele kuye, Yena ubezakukunika amanzi aphilayo.”


Kuphela nje, sengathi uSimakade angakupha ukuhlakanipha nokuqonda, akuyale ngo-Israyeli ukuba ugcine umthetho kaSimakade uNkulunkulu wakho.


Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla ziphuma kuYise wokukhanya, okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


Wayeseqala ukuyisola imizi okwakwenziwe kuyo imisebenzi yakhe yamandla eminingi, ngokuba ingaphendukanga, wathi:


Kwababhubhayo, siyiphunga lokufa kube ngukufa; kodwa kwabasindiswayo, siyiphunga lokuphila kube ngukuphila. Pho ngubani ongakwazi ukwenza lokho na?


Kamuva wabonakala kwabali-11, behlezi bedla. Wabasola ngokungakholwa kwabo, nangobulukhuni bezinhliziyo zabo, ngokuba bengabakholwanga labo ababembonile esevukile.


Wena uthanda iqiniso ngaphakathi enhliziyweni, uyongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo.


Ngiyabathanda abangithandayo; nalabo abangifunisisayo, bayangifumana.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite