Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 1:26 - IsiZulu 2020

26 Uma umuntu ethi uyakholwa, kodwa engabophi ulimi lwakhe kube sengathi ngetomu, kodwa ezikhohlisa enhliziyweni yakhe, ukukholwa kwalowo kuyize.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Uma umuntu esho ukuthi uyikholwa, engabophi ulimi lwakhe kungathi ngetomu kodwa ekhohlisa inhliziyo yakhe, ukukhonza kwalowo kuyize.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 Uma umuntu phakathi kwenu ecabanga ukuthi unokholo, engalubambi ngetomu ulimi lwakhe, ekhohlisa eyakhe inhliziyo, ukukholwa kwalowo kuyize.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Uma umuntu phakathi kwenu ecabanga ukuthi unokholo, engalubambi ngetomu ulimi lwakhe, ekhohlisa eyakhe inhliziyo, ukukholwa kwalowo kuyize.

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 1:26
37 Referans Kwoze  

Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuba kudingeka, ukuze libaphe umusa abezwayo.


Simakade, bekela umlomo wami umlindi, ugcine umnyango wezindebe zami.


Umbhalo uthi: “Lowo othanda ukuphila nokubona izinsuku ezinhle makanqande ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso.


kanjalo nehlazo, nokubheda, nokulawula, okuyizinto ezingafanele; kodwa kunalokho, makube ngukubonga.


Ungcono umuntu ompofu ohamba ngobuqotho, kunesiwula esikhuluma okuphambene ngezindebe zaso.


Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho ekukhulumeni inkohliso.


Umlomo wolungileyo ukhuluma ukuhlakanipha, kodwa ulimi oluphambeneyo luyanqunywa.


Lapho kunokukhuluma okuningi akupheli ukona; othiba ulimi lwakhe uhlakaniphile.


Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyoliswe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.


Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo nje kuphela, nizikhohlisa.


Yazini lokhu, bazalwane bami abathandekayo, ukuthi: makube yilowo nalowo muntu asheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze nokuthukuthela.


Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.


Ngakho-ke qaphelani ukuthi nizwa kanjani, ngokuba yilowo nalowo onakho, uyakuphiwa, kodwa lowo ongenakho, uyakwemukwa nalokho anakho.”


Ngokuba uma kukhona ozishaya utho abe engelutho, uyazikhohlisa.


Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.


“Qaphelani funa inhliziyo yenu ikhohliseke, niphambuke, nikhonze abanye onkulunkulu, nibakhothamele,


Kodwa kulabo abacabanga ukuthi bawutho, nokuthi babe yini, kwakungelutho lokho kimi, ngokuba uNkulunkulu akakhethi buso bamuntu, ngokuba kimi labo abazibona beqavile, abanezelelanga lutho.


bangikhonza ngeze, bafundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’


Udla umlotha, inhliziyo ekhohlisiweyo imdukisile; akanakuwusindisa umphefumulo wakhe, nokuba athi: “Akukho yini amanga kwesokunene sami na?”


Onomhobholo ufisa usuku lonke, kepha olungileyo uyapha, angagodli lutho.


enisindiswa ngalo uma nibambelela ezwini enganishumayeza lona, ngaphandle kokuba ukukholwa kwenu kwaba yize.


kodwa bangikhonza ngeze, befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’ ”


“Nithe: ‘Akusizi ngalutho ukukhonza uNkulunkulu; sizuzeni ngokugcina imiyalo yakhe nokuthi sihambe silila phambi kukaSimakade Wamabandla na?


Khawulani ukungilethela iminikelo engasho lutho; impepho iyisinengiso kimi. Imikhosi yenu yokwethwasa kwenyanga namasabatha, nokubiza imihlangano; anginakuyibekezelela imihlangano yenu emibi.


Yebo, sifunyanwa singofakazi bamanga ngoNkulunkulu, ngokuba sifakaze ngoNkulunkulu ukuthi wamvusa uKhristu, angamvusanga uma kanti abafileyo bengavuswa.


Izimpendulo zikaNkulunkulu zisezindebeni zenkosi; umlomo wayo awuyukuphambuka ekwehluleleni.


Ulimi lwabahlakaniphileyo lukhombisa ulwazi oluhle, kodwa umlomo weziwula uphafuza ubuwula.


Ungafani nehhashi nomnyuzi okungenakuqonda, okukhalinywa ngetomu nomkhala ukuze kuhambe kuqonde, kungenjalo akuyukuwulalela umthetho wakho.


Siwula ndini, uyathanda yini ukwazi ukuthi ukukholwa okungenayo imisebenzi kuyize na?


Nahlushwa ngazo zonke lezi zinto ngeze na? Phela lokho impela kungabe kwakuyize.


Lapho bebona umusa engiwuphiweyo, uJakobe, noKhefase, noJohane: labo ababaziwa ngokuthi bayizinsika, banginika mina noBharnabha isandla sokunene sobudlelwano, ukuba thina sisebenze kwabezizwe, kodwa bona basebenze kwabasokileyo,


Makungabi bikho ozikhohlisayo: uma kukhona umuntu phakathi kwenu othi uhlakaniphile kulesi sikhathi, makabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.


bese ubhokela uNkulunkulu ngolaka, ukhulume amazwi anje ngomlomo wakho na?


Ngokuba uNkulunkulu ungishiye ngingavikelekile, wangithobisa, sebenza noma yini abayifisayo kimi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite