Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 1:14 - IsiZulu 2020

14 Kepha yilowo nalowo muntu ulingwa, ahuhwe yizinkanuko zakhe, futhi ahuheke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Kepha yilowo nalowo uyengwa ehuhwa ngezakhe izinkanuko, ehungwa;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Kodwa yilowo nalowo uyalingwa ehungwa ehungwa ngezakhe izinkanuko.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kodwa yilowo nalowo uyalingwa ehungwa ehungwa ngezakhe izinkanuko.

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 1:14
24 Referans Kwoze  

ukuba nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yakuqala, owonakele ngenxa yezinkanuko zenkohlakalo,


Kepha okuphuma emlonyeni kuvela enhliziyweni; lokho-ke kuyamngcolisa umuntu.


kodwa gqugquzelanani imihla ngemihla inqobo nje uma kusathiwa namuhla, ukuze kungabi bikho kini eyenziwa lukhuni inhliziyo yakhe ikhohliswa yisono.


Udla umlotha, inhliziyo ekhohlisiweyo imdukisile; akanakuwusindisa umphefumulo wakhe, nokuba athi: “Akukho yini amanga kwesokunene sami na?”


Pho okuhle kwaba ngukufa kimi na? Phinde, akunjalo, kodwa isono, ukuze sibonakale ukuthi siyisono, sangibangela ukufa ngokusebenzisa okuhle, ukuba isono ngomyalo sibe sibi kakhulu.


Gcina inhliziyo yakho kukho konke okulondayo, ngokuba yona ingumthombo wokuphila.


Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.


Ngokuba isono sathola ithuba ngomyalo, sangikhohlisa, kwathi ngawo, sangibulala.


inhliziyo yami yayengeka esithe, ngaqabula isandla sami,


“Uma inhliziyo yami iyengwe ngowesifazane, ngacutha emnyango womakhelwane wami,


Yilezo zinto ezimngcolisayo umuntu, kodwa ukudla ngezandla ezingahlanjiwe akumngcolisi umuntu.”


USimakade wabona ukuthi ububi babantu sebubukhulu emhlabeni nokuthi izizindlo zezinhliziyo zabo zihlala zizimbi njalo,


Iphunga lalowo mnikelo lamthokozisa uSimakade, wayesethi enhliziyweni yakhe: “Umhlaba angisayukuphinde ngiwuqalekise ngenxa yabantu. Umuntu vele unemicabango emibi kusukela ebuncaneni bakhe. Ngeke ngiphinde ngikubhubhise ngozamcolo konke okuphilayo njengalokhu ngenzile.


Uzakubhujiswa, Israyeli, ngokuba umelene nami, umsizi wakho.


Owesifazane ebona ukuthi umuthi muhle, ufanele ukudliwa, nokuthi uyaheha emehlweni, uyanxaneleka ekuhlakaniphiseni, wakha izithelo zawo wadla, wanika nomyeni wakhe owayenaye lapho, naye wadla.


UDavide wathumela izithunywa ukuba zimlande, wafika kuye, walala naye, ngokuba wayesehlambulukile ekungcoleni kwakhe, wayesebuyela ekhaya.


UJesu wayeseholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane.


Makungabi bikho muntu othi uma elingwa, athi: “Ngilingwa nguNkulunkulu,” ngokuba uNkulunkulu angelingwe ngokubi, naye luqobo kalingi muntu.


Phela uma inkanuko isibambile, izala isono; nesono uma sesiphelelisiwe, sizala ukufa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite