Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 1:1 - IsiZulu 2020

1 Mina Jakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Khristu, kuzo zonke izizwana ezili-12 ezihlakazekileyo, ngiyabingelela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu, uyakhonza kuzo izizwe eziyishumi nambili ezihlakazekileyo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 UJakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu, kubo izizwe eziyishumi nambili ezihlakazekile, ngiyabingelela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UJakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu, kubo izizwe eziyishumi nambili ezihlakazekile, ngiyabingelela.

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 1:1
41 Referans Kwoze  

“Bayakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade, lapho ngibahlakazela ezizweni, ngibasabalalise emazweni.


UPhethro, umphostoli kaJesu Khristu, kwabakhethiweyo abayizihambi, abahlakazekele ePhontu, eGalathiya, eKhaphadosiya, e-Asiya naseBhithiniya,


Ngakho-ke abaJuda babuzana bodwa, bathi: “Uzakuya kuphi lo muntu lapho singeke samthola khona na? Ngabe uzakuya kwabahlakazekele kumaGriki, ayofundisa amaGriki na?


USawula wayevumelene nabo ngokuthi akabulawe. Ngalolo lusuku kwaba nokuhlushwa kwebandla okukhulu eJerusalema. Abazalwane bonke bahlakazekela ezifundeni eJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli kuphela.


isithembiso ezithemba ukufinyelela kuso izizwe zakithi ezili-12 ezikhonza ngesineke ubusuku nemini. Kungalelo themba, nkosi, ngimangalelwe ngabaJuda.


Baloba ngesandla sabo incwadi ethi: “Abaphostoli, amalunga, nabazalwane, bayababingelela abazalwane babezizwe kulo lonke elase-Antiyokhiya, eSiriya naseKhilikhiya.


UPawula, inceku kaNkulunkulu nomphostoli kaJesu Khristu, ngenxa yokokukholwa kwabakhethiweyo bakaNkulunkulu, nangokulazi iqiniso eliholela ekumesabeni uNkulunkulu,


Lapho bebona umusa engiwuphiweyo, uJakobe, noKhefase, noJohane: labo ababaziwa ngokuthi bayizinsika, banginika mina noBharnabha isandla sokunene sobudlelwano, ukuba thina sisebenze kwabezizwe, kodwa bona basebenze kwabasokileyo,


Besathule, kwakhuluma uJakobe, wathi: “Madoda, bazalwane, ngilaleleni.


“USimakade uyakukuhlakazela ezizweni zonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye, uyokhonza lapho abanye onkulunkulu bemithi namatshe ongabaziyo, wena nokhokho bakho.


UPawula, inceku kaKhristu uJesu, obiziwe ukuba ngumphostoli nowehlukaniselwe ivangeli likaNkulunkulu,


Ngakusasa uPawula wahamba nathi waya kuJakobe; onke amalunga eza.


Uma umuntu efuna ukungikhonza, makangilandele; lapho ngikhona Mina, siyakuba khona lapho nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa.


UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: nina eningilandelayo, ezweni elisha, lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi ezili-12, nehlulele izizwe ezili-12 zakwa-Israyeli.


UJuda, inceku kaJesu Khristu nomfowabo kaJakobe, kubo bonke ababiziweyo nabathandiweyo bakaNkulunkulu uYise, nabagciniwe kuJesu Khristu.


USimoni Phethro, inceku nomphostoli kaJesu Khristu, kulabo abemukele ukukholwa okuyigugu kanye nathi, ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Khristu:


UPawula noThimothewu, izinceku zikaKhristu uJesu, kubo bonke abangcwele kuKhristu uJesu abaseFiliphi, nababheki bebandla kanye nabadiyakhoni.


Ngokuba bengakafiki abanye ababevela kuJakobe, wayedla nabezizwe, kodwa lapho sebefikile, wamonyuka, wazehlukanisa nabo, ngokuba esaba abokusoka.


Angibabonanga abanye abaphostoli ngaphandle kukaJakobe umnewabo weNkosi.


Ngokuba kusukela ezizukulwaneni zasendulo, kuyo yonke imizi, bakhona abashumayela ngoMose, ngokuba kuyafundwa masabatha wonke, kuwo wonke amasinagoge.”


Kuthe sebengenile, benyukela ekamelweni eliphezulu, lapho babehleli khona: uPhethro, uJohane, uJakobe, u-Andreya, uFiliphu, uThomase, uBhartholomewu, uMathewu, uJakobe ka-Alfewu, uSimoni umZelothe, noJuda kaJakobe.


Lo akasiyo yini indodana yombazi? Unina akusiye yini uMariya, nabafowabo akusibo yini oJakobe, uJosefa, uSimoni noJuda na?


U-Eliya wathatha amatshe ali-12 njengomumo wezizwana zamadodana kaJakobe, okwakufike kuye izwi likaSimakade, lathi: “Igama lakho lizakuba ngu-Israyeli.”


khona uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuguqula ukuthunjwa kwakho, akuhawukele, uyakubuya, akuqoqe ezizweni zonke, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ayekuhlakazele khona.


Nina ngiyakunihlakazela phakathi kwezizwe, ngithumele inkemba emva kwenu, izwe lakini liyakuba yincithakalo, nemizi yenu ibe ngamabibi.


Esebathulisile ngesandla, wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani ejele, wathi: “Bikelani uJakobe nabazalwane ngalokho.” Waphuma, waya kwenye indawo.


Lapho beyehlukanisa, benza umhlatshelo ngezinkunzi ezilikhulu, izimvu ezingama-200, namawundlu angama-400, nezimbuzi ezili-12 ezaba ngumnikelo wesono, ngayinye imele isizwana ngesizwana sakwa-Israyeli.


USimakade uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uSimakade eyakunixoshela khona.


Kwakungamatshe ali-12 alingana namagama amadodana ka-Israyeli; ayeqoshwe njengendandatho yokusicilela, kuqoshwe kulelo nalelo igama lesizwana ngasinye kwezili-12.


UMose wawabhala wonke amazwi kaSimakade. Wavuka ekuseni ngovivi, wakha i-althare phansi kwentaba, wamisa izinsika ezili-12 ngokwezizwe ezili-12 zakwa-Israyeli.


Ngase ngizwa ukuthi inani lababekwa uphawu ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli babeyizi-144 000:


Kepha kwakukhona abaJuda ababakhe eJerusalema, amadoda akholwayo, ayevela ezizweni zonke phansi komthunzi welanga.


ukuze nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami. Niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nibuse izizwe ezili-12 zakwa-Israyeli.”


uFiliphu, uBhartholomewu, uThomase, uMathewu umthelisi, uJakobe ka-Alifewu, uThadewu,


UHamani wayesethi enkosini u-Ahasheveroshi: “Kukhona isizwe esithile esihlakazakele kuzo zonke izifundazwe zombuso wakho, sinemithetho eyehlukile kweyezizwe zonke. Siyishaya indiva imithetho yombuso wakho. Akulungile ukuba inkosi isiyeke siqhubeke.


Kuyakuba ngamatshe ali-12 ngangesibalo samagama amadodana ka-Israyeli. Ayofana nezisicilelo, yilelo nalelo liqoshwe igama lesizwe ngasinye kwezili-12.


Phangisa uze lapha, bungakangeni ubusika. Bayakhonza o-Ewubulu, uPhude, uLinu, uKlawudiya nabo bonke abazalwane.


“UKlawudiyu Lisiya, kuye uFelikisi umbusi odumileyo, ngiyabingelela.


uMathewu, uThomase, uJakobe ka-Alifewu, uSimoni okuthiwa isishisekeli,


u-Andreya, uFiliphu, uBhartholomewu, uMathewu, uThomase, uJakobe ka-Alifiyose, uThadewu, uSimoni uMkhanani,


Ngathi: “Ngizobavithiza babe yizicucu ngiqede ukukhunjulwa kwabo kubantu,”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite