Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 99:9 - IsiZulu 2020

9 Mphakamiseni uSimakade uNkulunkulu wethu, nikhuleke nisentabeni yakhe engcwele, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu ungcwele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu, nikhuleke ngasentabeni yakhe engcwele, ngokuba ungcwele uJehova uNkulunkulu wethu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu, nikhuleke entabeni yakhe engcwele; ngoba uJehova uNkulunkulu wethu ungcwele.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 99:9
15 Referans Kwoze  

Ngokuba uSomandla ungenzele izinto ezinkulu: igama lakhe lingcwele.


Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.


uSimakade Wamabandla uphakeme ekwehluleleni, uNkulunkulu oNgcwele ubonakalisile ubungcwele bakhe ngokulunga.


Kwakukhona nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo sinamaphiko ayisithupha. Nhlangothi zonke nangaphakathi zigcwele amehlo, zingakhawuli imini nobusuku ukuthi: “Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkulu uSomandla owayekhona nokhona nozayo.”


“Mina ngiyibekile inkosi yami, entabeni yami engcwele iZiyoni.”


“Akekho ongcwele njengoSimakade, akekho noyedwa ngaphandle kwakho; alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu.


Wena Simakade Nkulunkulu wami, oNgcwele, awusiye yini owasemandulo na? Asiyukufa; usinqumele ukwehlulelwa; Wena Dwala, usibekele ukujeziswa.


Elinye lamemeza kwelinye, lathi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uSimakade Wamabandla, wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yakhe.”


Mphakamiseni uSimakade uNkulunkulu wethu, nikhuleke ngasesenabelweni sezinyawo zakhe; ungcwele Yena.


Mabalibonge igama lakhe elikhulu nelesabekayo; ungcwele Yena.


“Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu, novala kungavuli muntu, uthi:


“Masingene endlini yakhe, sikhuleke ngasesenabelweni sezinyawo zakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite