Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 99:2 - IsiZulu 2020

2 USimakade mkhulu eZiyoni, uphakeme phezu kwezizwe zonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UJehova mkhulu eSiyoni, uphakeme phezu kwezizwe zonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UJehova mkhulu eSiyoni; futhi uphakeme phezu kwabo bonke abantu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 99:2
15 Referans Kwoze  

ngokuba Wena Simakade ungoPhezu kwawo wonke umhlaba, uphakeme kakhulu, ngaphezu kwabo bonke onkulunkulu.


Ziyophendulwa ngokuthini izithunywa zesizwe na? Kuyothiwa nguSimakade omisele abahluphekileyo babantu bakhe iZiyoni, ukuba bayophephela kulo.


Kikizani, nijabule zakhamuzi zaseZiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwenu.”


USimakade uphakeme phezu kwezizwe zonke, inkazimulo yakhe iphezu kwamazulu.


Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade. Amehlo akhe aqaphe izizwe, abanenkani bangaziphakamisi.


EseZiyoni, ekupheleleni kobuhle bakhe, uSimakade uqhakazile.


Akayibonanga inhlekelele engehlela uJakobe, akabonanga nankathazo kwa-Israyeli. USimakade uNkulunkulu wabo unabo, inhlokomo yenkosi yabo iphakathi kwabo.


Izizwe wazithobisa zaba phansi kwethu, nabantu phansi kwezinyawo zethu.


UNkulunkulu ubusa izizwe, uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe sobukhosi esingcwele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite