Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 99:1 - IsiZulu 2020

1 USimakade uyabusa, abantu mabathuthumele, uhleli phezu kwamakherubhi, umhlaba mawuzamazame.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJehova uyinkosi; mabathuthumele abantu; uhlezi phezu kwamakherubi;* mawuzamazame umhlaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UJehova uyinkosi; bathuthumele abantu! Uhlezi phakathi kwamakherubi; umhlaba mawunyakaze.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 99:1
30 Referans Kwoze  

USimakade uyabusa, umhlaba mawuthokoze, zethabe iziqhingi eziningi.


Ngiyohlangana nawe lapho, ngikhulume nawe ngiphezu kwesihlalo somusa naphakathi kwamakherubhi amabili aphezu komphongolo wobufakazi, ngiyakukuyala ngakho konke oyakukukhuluma kubantu bakwa-Israyeli.”


Imibani yakhe ikhanyisa umhlaba, ukubona lokho umhlaba qede uthuthumele.


USimakade uyiNkosi, wembethe ubukhosi, uSimakade uvunule, ubhince amandla. Izwe ulimise laqina, alinakunyakaziswa.


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohleli kuso; obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akwatholelwa ndawo.


Lalela, Malusi ka-Israyeli, Wena ohola uJosefa njengomhlambi. Uhlezi phezu kwamakherubhi, khazimula


ethi: “Siyakubonga, Nkosi Nkulunkulu, Somandla, okhona nowawukhona, ngokuba uthabathe amandla akho amakhulu, wabusa;


izulu lagoqwa njengomqulu wencwadi usongwa, izintaba zonke neziqhingi zazimbulwa ezindaweni zazo.


Ngakho-ke bathandekayo bami, njengalokhu nalalela ngezikhathi zonke, hhayi nje uma ngikhona, kodwa ikakhulu manje njengokuba ngingekho; fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela.


Kepha lezo zitha zami ezazingathandi ukuba ngizibuse, ziletheni lapha, nizibulale ngizibonela ngawami.”


“Kepha abantu bezwe lakhe babemzonda, ngakho-ke bathumela amanxusa, amlandela, ukuba afike lapho, athi: ‘Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.’


Wathi-ke: “Kwakukhona umuntu wasebukhosini owaya ezweni elikude eyozithathela umbuso bese ebuya.


Ngomsindo wokuthunjwa kweBhabhele, umhlaba uyakuthuthumela, umsindo wokukhala kwabo kalusizi, uyozwakala ezizweni.


Umhlaba uyakuzamazama ngomsindo wokuwa kwabo; umsindo wokukhala kwabo kalusizi, uzwakale oLwandle Lomhlanga.


Aningesabi yini?” kusho uSimakade. “Anithuthumeli yini phambi kwami? Mina engibeke isihlabathi saba ngumkhawulo wolwandle, umngcele ophakade olungenakudlula kuwo na? Noma lungagubha amagagasi, alunakuwehlula, noma lungaduma, alunakuweqa.


Ngabuka izintaba, bheka, zazamazama, namagquma wonke anyakaza.


USimakade uthelile phakathi kwalo umoya wokudideka, balenze iGibhithe ladiyazela kukho konke elikwenzayo, njengesidakwa sididizela ebuhlanzweni baso.


Shonini phakathi kwezizwe, nithi: “USimakade uyinkosi;” umhlaba umi uqinile, awunakunyakaziswa. Uyokwehlulela izizwe ngobuqotho.


Uza endiza, egibele ikherubhi, eshweza ngamaphiko omoya.


“Mina ngiyibekile inkosi yami, entabeni yami engcwele iZiyoni.”


Kabanakwazi nakuqonda, badukuza ebumnyameni; zonke izisekelo zomhlaba ziyazamazama.


UDavide wasuka wahamba nabo bonke abantu ayenabo, besuka eBhali Juda, ukuyolinda umphongolo kaNkulunkulu obizwa ngeGama, igama likaSimakade Wamabandla ohlala phezu kwamakherubhi.


Thuthumela phambi kwakhe, mhlaba wonke; izwe limisiwe, alinakunyakaziswa.


phambi kuka-Efrayimi, noBhenjamini noManase, vusa amandla akho, uze usisindise.


Khulekani kuSimakade, nihlobe ngobungcwele, nithuthumele ebusweni bakhe, mhlaba wonke.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, le ndawo iyisihlalo sami sobukhosi, nendawo yamathe ezinyawo zami, lapho ngiyakuhlala khona phakathi kwabantu bakwa-Israyeli kuze kube phakade. Indlu yakwa-Israyeli ayisayukulingcolisa igama lami elingcwele, yona namakhosi ayo, ngokuphinga kwayo nangezidumbu zamakhosi ayo ezindaweni zayo eziphakemeyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite