Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 98:3 - IsiZulu 2020

3 Uwukhumbulile umusa wakhe nokwethembeka kwakhe kwabendlu yakwa-Israyeli. Yonke imikhawulo yomhlaba iyibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ukhumbulile umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu ka-Israyeli; imikhawulo yonke yomhlaba ibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Wakhumbula umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu yakwa-Israyeli; yonke imikhawulo yomhlaba iyibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 98:3
21 Referans Kwoze  

Yonke imikhawulo yomhlaba iyokhumbula, bese iphendukela kuSimakade, nayo yonke imindeni yezizwe iyokhothama phambi kwakho;


“Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi le nsindiso kaNkulunkulu ithunyelwe kwabezizwe; bona-ke bayakulalela.”


INkosi isiyale kanjalo yathi: “ ‘Ngikubekile ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ ”


ukwenzela okhokho bethu isihawu, nokukhumbula isivumelwano sayo esingcwele;


USimakade uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu onomusa; akayukukushiya, akayukukubhubhisa, futhi akayukusikhohlwa isivumelwano asifunga kokhokho bakho.


USimakade uyembulile ingalo yakhe engcwele emehlweni ezizwe zonke, yonke imikhawulo yomhlaba iyoyibona insindiso kaNkulunkulu wethu.


USimakade uyenze yaziwa insindiso yakhe, ukulunga kwakhe wakwembula emehlweni abezizwe.


Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe.


Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGriki, lokhu Yena uyiNkosi yabo bonke, futhi ubacebele bonke abakhuleka kuye,


abantu bonke bazakuyibona insindiso kaNkulunkulu.’ ”


Uyakwethembeka kuJakobe ube nomusa ku-Abhrahama owafunga ngawo kobaba ezinsukwini zasemandulo.


Yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami, ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukwenza ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”


“Nina nonke mikhawulo yomhlaba, phendukelani kimi, nisindiswe, ngokuba nginguNkulunkulu, akekho omunye.


Ngenxa yabo wasikhumbula isivumelwano sakhe, wabaphendula ngokobuningi bomusa wakhe.


Sengathi uNkulunkulu angaqhubeka asibusise, yonke imikhawulo yomhlaba imesabe.


Kepha ngithi: abezwanga yini na? Impela bezwa kahle: “Izwi labo liphumele emhlabeni wonke, namazwi abo emikhawulweni yomhlaba.”


ngiyakusikhumbula isivumelwano sami noJakobe, nesivumelwano sami no-Isaka, nesivumelwano sami no-Abhrahama. Ngiyakusikhumbula, ngilikhumbule nezwe.


Zinhle kangakanani ezintabeni, izinyawo zomemezela ukuthula, noletha izindaba ezinhle; ezwakalise ukusindiswa, oshoyo kulo iZiyoni, ukuthi: “UNkulunkulu wakho uyabusa.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite