Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 97:3 - IsiZulu 2020

3 Umlilo uhamba phambi kwakhe, uzishwabadele nxazonke izitha zakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Umlilo uyahamba phambi kwakhe, udla izitha zakhe nxazonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Umlilo uyaphuma phambi kwakhe ushise izitha zakhe nxazonke.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 97:3
19 Referans Kwoze  

UNkulunkulu wethu uyeza, akayukuthula, phambi kwakhe kunomlilo oqothulayo, uphahlwe yisivunguvungu esinamandla.


Ukhafula intuthu ngamakhala akhe, kuthaphuke umlilo oqothulayo emlonyeni wakhe, akhafule amalahle avuthayo.


ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.


iselangabini lomlilo, ukuba ijezise labo abangamaziyo uNkulunkulu nabangalilaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu.


“Phela bhekani nje, luyeza usuku, luvutha njengeziko. Bonke abazigqajayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi. Lolo lusuku oluzayo luyakubashisa, aluyukubashiyela mpande nagatsha,” kusho uSimakade Wamabandla.


Umfula womlilo wawugeleza uqubuka phambi kwakhe. Inkulungwane yezinkulungwane yayimkhonza, nezinkulungwane ezilishumi zezinkulungwane ezilishumi zimi phambi kwakhe; kwahlala abehluleli, izincwadi zavulwa.


Ngokuba umlilo uphenjwe yintukuthelo yami; uyabhebhetheka kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uyaqothula umhlaba nezithelo zawo, wokhela nezisekelo zezintaba.


Phambi kwakhe kuhamba ubhubhane, kulandele isifo ezinyaweni zakhe.


Uma kukhona ofuna ukubenzakalisa laba, kuphuma umlilo emilonyeni yabo, ubhubhise izitha zabo. Yebo, uma kukhona ofuna ukubalimaza, kufanele ukuba abulawe kanjalo.


USimakade wakhuluma nani ubuso nobuso entabeni, esemlilweni.


Esezulwini wakuzwisa izwi lakhe ukuba akufundise; emhlabeni wakubonisa umlilo wakhe omkhulu; wawezwa amazwi akhe evela phakathi komlilo.


“Nasondela, nema phansi kwentaba; intaba yayivutha umlilo kuze kube semkhathini, inamafu amnyama nesigayegaye sobumnyama.


Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.


Uqhekeza isibhakabhaka bese ehla emi ngezinyawo zakhe, phezu kwesigayegaye sobumnyama.


Ngabheka, ngabona umoya oyisivunguvungu uvela enyakatho, ifu elikhulu, umlilo onkewuzayo nokubaneka nxazonke. Phakathi komlilo kwavela okucwazimulayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite