Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 97:2 - IsiZulu 2020

2 Yena uphahlwe ngamafu nobumnyama, ukulunga nobulungiswa kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Amafu nobumnyama kuyamphahla; ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Amafu nobumnyama kumhaqa, ukulunga nokulunga kuyindawo yokuhlala yesihlalo sakhe sobukhosi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 97:2
18 Referans Kwoze  

Ukulunga nobulungiswa kuyisisekelo sesihlalo sakho sobukhosi, umusa nokwethembeka kuhamba phambi kwakho.


USimakade wathi kuMose: “Bheka ngizokuza kuwe ngefu elimnyama, ukuze abantu bezwe uma ngikhuluma nawe, nokuba emveni kwalokho bakholwe nguwe kuze kube phakade.” UMose wambikela uSimakade lokho okwakushiwo ngabantu.


Ukwenza inkohlakalo kuyisinengiso emakhosini, kodwa isihlalo sobukhosi simiswa ngokulunga.


Nkosi enamandla, mthandi wokulungileyo, uqinise ubuqotho, waphakamisa ubulungiswa nokulunga kwaJakobe.


Impela mazingafi ngamvunye, abalungileyo nababi. Makube kude nawe ukwenza into efana naleyo. UMehluleli womhlaba wonke angakwenza kanjani okungalungile na?”


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izehlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


USimakade uyaphuza ukuthukuthela, mkhulu ngamandla, impela onecala akayukumyeka angamjezisi, indlela kaSimakade isesivunguvungwini nasesiphephweni, amafu awuthuli lwezinyawo zakhe.


Indlela yakho yayisolwandle, imendo yakho isemanzini amaningi, kodwa amanyathelo akho awabonakalanga.


Kepha abantu bamela kude, kwaba nguMose kuphela osondela efini elimnyama lapho uNkulunkulu wayekhona.


Uyakukufeza lokho angiqokele khona; nokunye okuningi okusemqondweni wakhe.


Usibekela ubuso besihlalo sakhe sobukhosi, aneke ifu lakhe phezu kwaso.


Sibusisiwe isizwe esikwazi ukuhlabelela ngenjabulo, sihamba ekukhanyeni kobukhona bakho, Simakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite