Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 96:8 - IsiZulu 2020

8 Mnikeni uSimakade inkazimulo yegama lakhe, nilethe umnikelo, ningene emagcekeni akhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe, nilethe umnikelo, ningene emagcekeni akhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe; wenze umhlatshelo, ungene emagcekeni akhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 96:8
21 Referans Kwoze  

Ngenani emasangweni akhe ngokubonga, nasemagcekeni akhe ngokudumisa, mbongeni, nidumise igama lakhe.


Ngakho-ke ngiyanincenga bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandekayo kuNkulunkulu; kube ngukukhonza kwenu ngokomoya.


“Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona iGama lami likhulu phakathi kwezizwe. Kuzo zonke izindawo iGama lami lilethelwa impepho neminikelo ehlanzekileyo, ngokuba likhulu iGama lami ezizweni,” kusho uSimakade Wamabandla.


Amakhosi aseTharishishi nawaseziqhingini ayakuletha izipho. Amakhosi aseShebha naseSebha ayoletha izipho.


Indodakazi yaseThire nabantu abacebileyo bancenga umusa wakho ngesipho.


Ngubani ongayukukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? Ngokuba Wena wedwa ungcwele, zonke izizwe ziyakuza zikhuleke phambi kwakho, ngokuba izenzo zakho zokulunga sezisobala.”


Nani njengamatshe aphilileyo, nakhiwe nibe yindlu yokomoya, ubuphristi obungcwele, ukuze ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu, ngaye uJesu Khristu.


Ngakho-ke masiphumele kuye ngaphandle kwenkambu, sithwale ihlazo lakhe.


Kepha nginakho konke ngokwevile, impela nganelisiwe ngengikwamukeliswe ngu-Ephafrodithu obekuvela kini; kuliphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.


Yebo, nakuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza nani nonke.


ukuze ngibe yisikhonzi sikaKhristu uJesu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu emsebenzini ongcwele, ukuze abezizwe babe ngumnikelo owamukelekayo, sebengcweliswe nguMoya oNgcwele.


Wathumela ukuhlengwa kubantu bakhe, wamisa isivumelwano sakhe kuze kube phakade. IGama lakhe lingcwele, futhi liyesabeka.


Mnikeni uSimakade udumo olufanele igama lakhe, mdumiseni uSimakade ebukhazikhazini bakhe obungcwele.


emagcekeni endlu kaSimakade, phakathi kwakho, Jerusalema. Haleluya!


Abantu abahlala kulelo lizwe bayokhothama, bakhuleke kuSimakade phambi kwalelo sango ngamasabatha nangokwethwasa kwenyanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite