Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 96:13 - IsiZulu 2020

13 phambi kukaSimakade, ngokuba uyeza, impela uyeza ukuzokwehlulela umhlaba. Uzowehlulela ngobuqotho umhlaba, nezizwe ngokwethembeka kwakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza, yebo, uyeza ukwahlulela umhlaba; uyakwahlulela izwe ngokulunga, nezizwe ngokuthembeka kwakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Phambi kobuso bukaJehova, ngokuba uyeza, ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba; Uyakwahlulela izwe ngobulungisa, nezizwe ngeqiniso lakhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 96:13
16 Referans Kwoze  

Ngase ngibona izulu livulekile: nanto ihhashi elimhlophe nogibele kulo, obizwa ngokuthi ngoThembekileyo noQinisileyo, uyahlulela, futhi ulwa ngokulunga.


manje sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo lusuku iNkosi, umehluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kodwa bonke abakuthandile ukubonakala kwayo.


silindele ithemba elibusisiweyo nokubonakala kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Khristu,


phambi kukaSimakade, ngokuba uyeza, uzokwehlulela umhlaba. Uzolehlulela ngokulunga izwe, nezizwe ngobuqotho.


Shonini phakathi kwezizwe, nithi: “USimakade uyinkosi;” umhlaba umi uqinile, awunakunyakaziswa. Uyokwehlulela izizwe ngobuqotho.


Izizwe mazijabule, zihube ngentokozo, ngokuba abantu ubehlulela ngokulunga, uhole izizwe emhlabeni. Sela


Yathi kimi: “Amazwi esiphrofetho sale ncwadi ungawavali ngophawu, ngokuba isikhathi siseduze.


izizwe zathukuthela, kwase kufika ulaka lwakho, nesikhathi sokwehlulelwa kwabafileyo, nokunika izinceku zakho umvuzo, abaphrofethi nabangcwele nabesaba igama lakho, abancane nabakhulu, nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.”


lapho ifika ukuba ikhazimuliswe kubo abangcwele bayo, idunyiswe ngalolo lusuku yibo bonke abakholwayo, ngokuba nakholwa ngukufakaza kwethu.


Makuphele ukonakala kwababi, kodwa simamisa abalungileyo, wena ohlolisisa izinhliziyo nezinso, Nkulunkulu olungileyo.


UNkulunkulu wethu uyeza, akayukuthula, phambi kwakhe kunomlilo oqothulayo, uphahlwe yisivunguvungu esinamandla.


Uyokwehlulela phakathi kwezizwe, axazulule imibango yezizwe eziningi. Ziyocangcatha izinkemba zazo zibe ngamageja, nemikhonto yazo ibe ngocelemba. Isizwe asiyukuphakamisela esinye inkemba, zingabe zisaviviselwa ukulwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite