Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 95:3 - IsiZulu 2020

3 Ngokuba uSimakade unguNkulunkulu omkhulu, uyiNkosi enkulu ngaphezu konkulunkulu bonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba uJehova unguNkulunkulu omkhulu, uyinkosi enkulu phezu kwawonkulunkulu bonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba uJehova unguNkulunkulu omkhulu neNkosi enkulu phezu kwabo bonke onkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 95:3
22 Referans Kwoze  

Mkhulu uSimakade, udumisekile kakhulu, uyesabeka ngaphezu konkulunkulu bonke.


USimakade mkhulu, umelwe ukudunyiswa kakhulu, ubukhulu bakhe abuqondakali.


Impela ngiyazi ukuthi uSimakade mkhulu, nokuthi iNkosi yethu ingaphezu konkulunkulu bonke.


ngokuba Wena Simakade ungoPhezu kwawo wonke umhlaba, uphakeme kakhulu, ngaphezu kwabo bonke onkulunkulu.


Manje ngiyazi ukuthi uSimakade mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, ngoba ukhulule abantu bakhe kwabaseGibhithe, lapho bebebaphethe khona ngokubaqonela.”


noma umhlaba, ngokuba uyisenabelo sezinyawo zakhe, noma iJerusalema, ngokuba lingumuzi weNkosi enkulu.


Ngokuba uSimakade Ophezukonke uyesabeka, uyiNkosi enkulu phezu komhlaba wonke.


“Makaqalekiswe oyiqili, okukhona iduna emhlanjini wakhe, afunge, ahlabele iNkosi okunesici, ngokuba ngiyinkosi enkulu, negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe,” kusho uSimakade Wamabandla.


“Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona iGama lami likhulu phakathi kwezizwe. Kuzo zonke izindawo iGama lami lilethelwa impepho neminikelo ehlanzekileyo, ngokuba likhulu iGama lami ezizweni,” kusho uSimakade Wamabandla.


Manje-ke, mina Nebukhadinezari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingubulungiswa; inamandla okubathobisa abahamba ngokuzidla.


“Ngifunga ngiyagomela,” kusho iNkosi, egama layo kunguSimakade Wamabandla, “kukhona ozayo ofana neThabhori phakathi kwezintaba, nanjengeKharmeli ngasolwandle.


Ningabi naluvalo, ningesabi; angimemezelanga yini kusukela emandulo, nganazisa na? Nina ningofakazi bami. Ukhona yini uNkulunkulu ngaphandle kwami na? Qha, alikho iDwala; angilazi.”


UMowabi uyakubhujiswa, nemizi yakhe ihlaselwe; izinsizwa zakhe zekhethelo zehlele ukuyobulawa,” kusho iNkosi egama layo nguSimakade Wamabandla.


“ ‘Ngokuba ngiyokwedlula eGibhithe ngalobo busuku, ngibulale wonke amazibulo eGibhithe, awabantu nawezilwane, ngibehlulele bonke onkulunkulu baseGibhithe: nginguSimakade.


Ngalokho-ke ungazesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho, uNkulunkulu omkhulu nowesabekayo, uphakathi kwakho.


U-Ezra wamdumisa uSimakade uNkulunkulu, bonke abantu baphendula, bathi: “Amen! Amen,” bephakamise izandla zabo, bakhothama, bathi mbo ngobuso emhlabathini, bakhuleka kuNkulunkulu.


Izizwe wazithobisa zaba phansi kwethu, nabantu phansi kwezinyawo zethu.


Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, Simakade Nkulunkulu wami, umkhulu, wembethe udumo nobukhosi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite