Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 94:5 - IsiZulu 2020

5 Simakade, baphohloza isizwe sakho, nefa lakho balinyathela phansi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Isizwe sakho, Jehova, bayasiphohloza, nefa lakho balinyathela phansi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Bachoboza abantu bakho, Jehova, bacindezela ifa lakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 94:5
20 Referans Kwoze  

Nibachobozeleni abantu bami, nafihliza ubuso babampofu na?” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


Ngase ngibona owesifazane edakwe yigazi labangcwele negazi lofakazi bakaJesu. Ngamangala ngokumangala okukhulu.


Ngiyakubanika igunya ofakazi bami ababili ukuba baphrofethe izinsuku eziyi-1 260, bembathiswe indwangu eyisaka.”


UNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele ungidlile wangiqeda; ungenze isitsha esingenalutho, wangigwinya njengodrago; ugcwalisile isisu sakhe ngokumnandi kwami, wangiphalaza.


“Noma ningathokoza, niqhoshe, nina baphangi befa lami; noma ningagxumagxuma njengesithokazi otshanini obuluhlaza, nikhalise okwamahhashi anamandla;


“Kepha amehlo akho nenhliziyo yakho kusenzuzweni engalungile kuphela, ekuchitheni igazi elingenacala, ekucindezeleni, nasekwenzeni ubudlova.”


“Manje ngisasalelwe yini lapha,” kusho uSimakade, “njengoba abantu bami bethunjiwe ngaphandle kwesizathu na? Ababusi babo babanga umsindo,” kusho uSimakade, “negama lami lihlanjalazwa usuku lonke.


Ngokuba sebemdlile uJakobe, umuzi wakhe sebewubhubhisile.


Zathi enhliziyweni yazo: “Masibabhubhise kanyekanye;” zazishisa zonke izindlu zikaNkulunkulu zokuhlanganela.


Ngenxa yakho, sibulawa usuku lonke, sifana nezimvu zokuhlatshwa.


Abaqondi lutho bonke abenza okubi, abadla abantu bami sengathi badla isinkwa, bengakhuleki kuSimakade.


funa bangidwengule njengengonyama, bangidweshule kungekho ongikhululayo.


lapho icala lomangalelwe lihlanekezelwa, ngabe iNkosi ayikuboni lokho na?


Babaphatha ngendlakadla oyise nonina kuwe, abafokazi abagogobele kuwe babacindezela, kwathi izintandane nabafokazi abakuwe baphathwa kabi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite