Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 94:14 - IsiZulu 2020

14 Ngokuba uSimakade akayukubalahla abantu bakhe, nefa lakhe akayukulishiya.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngokuba uJehova akayikulahla abantu bakhe, nefa lakhe akayikulishiya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngoba uJehova kayikubaxotsha abantu bakhe, njalo kayikulitshiya ilifa lakhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 94:14
19 Referans Kwoze  

USimakade akayukubashiya abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, lokhu kwaba kuhle kuSimakade ukuba azenzele nina nibe ngabantu bakhe.


Ngokuba uSimakade uyabuthanda ubulungiswa, abathembekileyo bakhe akabashiyi. Ubalondoloza kuze kube phakade, kodwa abozalo lwababi bazobhujiswa.


Ngokuba isabelo sikaSimakade singabantu bakhe. UJakobe uyisifunda sefa lakhe.


Maningaphili ngokuthanda imali, yaneliswani ngeninakho, ngokuba Yena ushilo wathi: “Angisoze ngakulahla, futhi angisoze ngakushiya,”


labo abamisile ngaphambilini, ubabizile futhi; labo ababizile, ubalungisisile futhi; labo abalungisisile, ubakhazimulisile futhi.


esekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, ukuze nikwazi lokho okuyithemba lobizo lwakhe nokuthi iyini ingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele,


Ngubani ofisa ukuphila, othanda izinsuku eziningi zokuthokozela okuhle na?


Isabelo sikaJakobe asifani nalaba, ngokuba nguye okubumbileyo konke; u-Israyeli uyisizwe nefa lakhe; nguSimakade Wamabandla igama lakhe.


Simakade, baphohloza isizwe sakho, nefa lakho balinyathela phansi.


Kepha nalapho besesezweni lezitha zabo angiyukubalahla, angiyukunengwa yibo ukuba ngingaze ngibaqothule, ngephule isivumelwano sami nabo, ngokuba nginguSimakade uNkulunkulu wabo.


Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningashaywa luvalo ngabo, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho nguyena ohamba nawe; akayukukulahla, akayukukushiya.”


USimakade nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe; akayukukulahla, akushiye; ungesabi, ungashaywa luvalo.”


Khumbula ibandla lakho owalizuza kwasemandulo, walikhulula ukuze libe yisizwe esiyifa lakho, nentaba iZiyoni ohlala kuyo.


“Abampofu nabaswelayo bafuna amanzi, kodwa abawafumani, ulimi lwabo lugagadekile wukoma; Mina Simakade ngiyakubaphendula, Mina Nkulunkulu ka-Israyeli angiyukubashiya.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite