Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 94:10 - IsiZulu 2020

10 Othethisa abezizwe, Yena ofundisa abantu ukwazi, kanakujezisa na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Othethisa abezizwe, yena ofundisa abantu ukwazi, kanakujezisa na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Lowo olaya abezizwe, kayikubakhuza yini? Ofundisa abantu ukwazi, kayikwazi na?

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 94:10
23 Referans Kwoze  

Thina nezilwane zomhlaba usifundisa okuningi, asenze sihlakaniphe kakhulu kunezinyoni ezindiza emkhathini.’


UNkulunkulu wakhe uyamkhaliphisa, amfundise indlela eyiyo.


Thululela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo, naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho, ngokuba bamdlile uJakobe; yebo, bamdlile bamqeda nya, balenza incithakalo ikhaya lakhe.


Wena ngesandla sakho, waxosha izizwe, bona wabatshala; wazibhubhisa izizwe, bona wabakhulula.


Kulotshiwe kubaphrofethi ukuthi: ‘Bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu.’ Yilowo nalowo omzwile uBaba, wafunda, uza kimi.


Udabula umhlaba ngentukuthelo, ugxobagxobe izizwe ngolaka.


Wena Simakade Nkulunkulu wami, oNgcwele, awusiye yini owasemandulo na? Asiyukufa; usinqumele ukwehlulelwa; Wena Dwala, usibekele ukujeziswa.


“Ngaze nina kuphela emindenini yonke yomhlaba; ngakho-ke ngiyakunijezisa ngenxa yabo bonke ububi benu.”


“Inkazimulo yami ngiyakuyibonakalisa ezizweni, zonke izizwe ziyakukubona ukwehlulela kwami engikwenzileyo, nesandla sami engisibeke kuzo.


Bonke abantwana bakho bayakufundiswa nguSimakade, kube nokuthula okukhulu kubantwana bakho.


Ingelosi kaSimakade yaphuma yabulala enkanjini yabase-Asiriya abayizi-185 000. Kuvukwa ngakusasa, babona ukuthi bonke babefile kuyizigingqane zezidumbu.


Kuyothi lapho iNkosi isiwuqedile wonke umsebenzi wayo entabeni iZiyoni naseJerusalema, ijezise inkosi yase-Asiriya ngenxa yokukhuluma kwayo ngokuziqhayisa, nangokuziphakamisa kwayo.


Abantu abaningi bayofika, bathi: “Wozani senyukele entabeni kaSimakade, endlini kaNkulunkulu kaJakobe, ukuze asifundise izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe,” ngokuba umthetho uyakuphuma eZiyoni, nezwi likaSimakade, eJerusalema.


Ngokuba uSimakade uyokupha ukuhlakanipha, emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.


Ngifundise ukwehlulela kahle nokwazi, ngokuba ngiyayikholwa imiyalo yakho.


USimakade uyobusa ingunaphakade, abezizwe babhujiswe ezweni lakho.


Uzijezisile izizwe, wachitha izikhohlakali, walishabalalisa igama lazo ingunaphakade.


ukuze baziphindiselele ezizweni, bajezise abezizwe.


Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi kungukuhlakanipha; ukusuka enkohlakalweni kungukuqonda.’ ”


Uma Yena ethula, ngubani ongamsola na? Uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa isizwe nomuntu ngokufanayo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite