Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 92:5 - IsiZulu 2020

5 Simakade, yeka ubukhulu bemisebenzi yezandla zakho! Imicabango yakho ijule kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Yeka ubukhulu bezenzo zakho, Jehova. Imicabango yakho ijulile kakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 O Jehova, mikhulu kangakanani imisebenzi yakho! futhi imicabango yakho ijule kakhulu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 92:5
15 Referans Kwoze  

Simakade Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nezizindlo zakho ngathi; akukho okungafaniswa nawe, uma ngiyilanda, ngiyisho, miningi kunokuba ibalwe.


Imicabango yakho, Nkulunkulu, ingamagugu kimi; bukhulu kangaka ubuningi bayo.


Ngokuba uNkulunkulu ukwambulile kithi ngoMoya; phela uMoya ukuhlolisisa konke, ngisho nokujulileyo kukaNkulunkulu.


Mikhulu imisebenzi kaSimakade, bazindla ngayo bonke abayithokozelayo.


Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.


Nalokho kuvela kuSimakade Wamabandla omangalisayo ekwalulekeni, nohlakaniphe ngokwedlulele.


Simakade, yaze yaba miningi imisebenzi yakho, yonke uyenze ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.


Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ubukhulu bemisebenzi yakho! Ngenxa yobukhulu bamandla akho, izitha zakho ziyothoba phansi kwakho.


Intukuthelo kaSimakade ayiyukubohla aze akwenze lokho, ayifeze inhloso yenhliziyo yakhe. Ezinsukwini zokugcina niyakukuqonda nokukuqonda lokhu.


Okusemajukujukwini nokusekujuleni, ngubani ongakufumana na?


Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulu, ukwehlulela kwakho kunjengotwa olujulile. Simakade, usindisa abantu nezilwane ngokufanayo.


Basongoza izenzo ezimbi, bathi: “Siliphethile icebo elisongoziweyo;” izibilini nenhliziyo yomuntu kujulile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite