Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 92:12 - IsiZulu 2020

12 Olungileyo uhluma njengesundu, akhule njengomsedari eLebhanoni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Olungileyo uyahluma njengesundu, uyakhula njengomsedari* eLebanoni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Olungileyo uyakuqhakaza njengesundu, akhule njengomsedari waseLebanoni.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 92:12
17 Referans Kwoze  

Ufana nesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi esifaneleyo, esimaqabunga aso angabuni. Uyaphumelela kukho konke akwenzayo.


Uyakufana nesihlahla esitshalwe ngasemanzini, esimpande zaso sizenabisele ngasemfuleni. Akayukwesaba lapho ebona ukushisa kuza, amaqabunga aso ahlala eluhlaza, ngonyaka wesigagadu awanakukhathazeka, futhi awayeki ukuthela izithelo.


Imithi kaSimakade iyasuthisa, imisedari eLebhanoni ayitshalileyo,


Kepha mina ngifana nesihlahla somhlwathi esiluhlaza, endlini kaNkulunkulu. Ngethembele emseni kaNkulunkulu kuze kube phakade.


Endlalekise okwemfunda, nanjengezivande eziseceleni komfula, njengenhlaba etshalwe nguSimakade, nanjengemisedari ngaseceleni kwamanzi.


“Kodwa Mina ngawabhubhisa ama-Amori phambi kwabo, ayemade njengemisedari, eqine njengemi-okhi, ngaqeda nya ngesithelo sawo kusukela phezulu nangezimpande zawo phansi.


Abayukwakha, bese kuhlala omunye; abayukutshala, bese kudla omunye, ngokuba izinsuku zabantu bami ziyokuba njengezinsuku zomuthi; abakhethiweyo bami bayowuthokozela isikhathi eside umsebenzi wezandla zabo.


Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabi bikho inyanga.


Esikhundleni sogagane, kuyomila umsayiphuresi; nasesikhundleni samakhakhasi, kumile umbomvana. Kuyokuba yisikhumbuzo kuSimakade, nesibonakaliso saphakade esingeyukuphela, esingasayukunqunywa.”


Wafekethisa zonke izindonga zendlu nxazonke ngezithombe zamakherubhi ezibaziweyo, ngamasundu, nangezimbali eziqhakazileyo, ngaphakathi nangaphandle.


Ngisho izikhohlakali zingahluma njengotshani, nabo bonke abenza okubi baqhakaze, bayobhubha ingunaphakade.


Wacwaninga ngezihlahla, kusukela kuwo umsedari oseLebhanoni kuze kube kulo ihisophi elimila odongeni; wacwaninga ngezinkomo, ngezinyoni, ngezilwanyana ezinwabuzelayo nangezinhlanzi.


nani zintaba namagquma wonke, nani mithi ethelayo, nayo yonke imisedari,


AbaJuda benza ababefisa ukukwenza ezitheni zabo. Bazihlasela ngenkemba, babulala noma ngubani ababefuna ukumbulala, bonke ababeyizitha zabo.


Lindela uSimakade, ugcine indlela yakhe, Yena uzokuphakamisa udle ifa lomhlaba, uyobona lapho sebebhujiswa ababi.


Isitha sami siyakukubona, sikhungathwe ngamahloni, leso ebesithi kimi: “Uphi uSimakade uNkulunkulu wakho na? Amehlo ami ayakusibona, manje siyakunyathelwa njengodaka emigwaqweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite