Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 92:10 - IsiZulu 2020

10 kodwa udumo lwami uluphakamise lwanjengophondo lwenyathi, ngagcotshwa ngamafutha amasha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kepha uphondo lwami uyaluphakamisa njengolwenyathi, ngigcotshwa ngamafutha amasha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kepha nina niyakuluphakamisa uphondo lwami njengolwenyathi, ngigcotshwe ngamafutha amasha.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 92:10
19 Referans Kwoze  

Udeka itafula phambi kwami, kubuka izitha zami. Ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.


ngokuba Wena uyinkazimulo yamandla abo, udumo lwethu luyophakama ngomusa wakho.


Uthanda ukulunga, uzonde ububi. Yingakho uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ekugcobe ngamafutha entokozo ngaphezulu kwabangani bakho.


Kepha nguNkulunkulu osimise kanye nani kuKhristu, nowasigcobayo,


Wonke amandla ezikhohlakali ngiyowaqeda nya, kodwa ngiwandise awabalungileyo.


Ninogcobo oluvela koNgcwele futhi nazi konke.


Ubapha ngesihle abantulayo, ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade, amandla akhe ayophakama ngodumo.


Abamelana noSimakade bayakuphahlazwa; uyakuduma phezu kwabo esezulwini. USimakade uyakwehlulela amajukujuku omhlaba, aphe inkosi yakhe amandla, ogcotshiweyo wakhe amphakamise.”


Ukwethembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye, egameni lami luyakuphakama udumo lwakhe.


UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyethaba kuSimakade, uSimakade ungiqinisile, manje nginempendulo ezitheni zami, ngiyathokoza, ngokuba ungikhululile.


“UNkulunkulu owabakhipha eGibhithe; unjengezimpondo zenyathi kubo; uyoqothula izizwe, izitha zakhe, ephule amathambo azo, azigwaze ngemicibisholo yakhe.


“Ngiyakuhlumisa uphondo lukaDavide, ogcotshiweyo wami ngimlungisele isibani.


UNkulunkulu owabakhipha eGibhithe; unjengezimpondo zenyathi kubo.


Useluphakamisile udumo lwabantu bakhe, ngalokho-ke abethembekileyo bakhe bayamdumisa, abantu bakwa-Israyeli; abantu abaseduze naye. Haleluya!


Yasiphakamisela uphondo lwensindiso endlini kaDavide, inceku yayo,


“Simakade, sengathi zingabhubha zonke izitha zakho! Kodwa abakuthandayo mabafane nelanga liphuma ngamandla alo.” Izwe lalinokuthula iminyaka engama-40.


Ngenkathi Wena, Simakade, uzithethisa, lapho uzifutha ngamakhala akho, umphefumulo wakho uziqumbe phansi. Izinzulu zolwandle zavela obala, nezisekelo zomhlaba zaba kwabha.


Njalo ekuseni ngizobabhubhisa ababi ezweni, ngibaqede bonke abenzi bokubi emzini kaSimakade.


kodwa abaphambukela ezindleleni zabo ezigwegwileyo, uSimakade uzobaxosha kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite