Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 92:1 - IsiZulu 2020

1 Kuhle ukubonga uSimakade, nokuhubela igama lakho, Wena oPhezukonke,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kuhle ukumbonga uJehova nokuhubela igama lakho wena oPhezukonke;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 (Ihubo losuku lwesabatha.) Kuhle ukudumisa uJehova nokuhubela igama lakho, wena oPhezukonke.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 92:1
22 Referans Kwoze  

Haleluya! Kumnandi kakhulu ukuhlabelelela uNkulunkulu wethu, ngokuba unomusa, indumiso imfanele.


Bongani uSimakade ngokuba muhle, umusa wakhe umi ingunaphakade.


niphendulane ngamahubo, ngezihlabelelo nangamaculo okomoya, nicule niyihubele iNkosi enhliziyweni yenu,


Mdumiseni uSimakade, ngokuba Yena muhle, lihubeleni igama lakhe, ngokuba lihle.


Yethabani kuSimakade nina abalungileyo. Ukudumisa kubafanele abaqotho.


Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu, ngiyenzile iNkosi uSimakade ibe yisiphephelo sami, ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.


Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.


Ngizokudumisa kuze kube phakade, ngokuba ukwenzile lokho. Ngizolindela igama lakho, ngokuba lihle phambi kwabathembekile bakho.


“E, nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukhadinezari uyihlo umbuso, ubukhulu, udumo, nobukhosi.


Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.


Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.


Ngizonikela kuwe ngenkululeko, ngibonge igama lakho Simakade, ngokuba lihle.


Kepha Wena, Simakade, uphakeme kuze kube phakade.


Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa, oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”


Mina ngathi: “Ningonkulunkulu nina, nonke ningamadodana oPhezukonke.


Ngakho-ke ngaye, masinikele umhlatshelo wokudumisa kuNkulunkulu, okuyisona sithelo sezindebe zomlomo wethu, sivume igama lakhe.


Ngakho-ke likhona iSabatha kubantu bakaNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite