Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 91:14 - IsiZulu 2020

14 Ngoba ubambelele kimi, ngizomhlenga, ngimvikele, ngokuba walazi iGama lami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngenxa yokuba enamathele kimi, ngakho ngiyamkhulula; ngiyamphakamisa ngokuba elazi igama lami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngoba engithanda, ngakho ngizamsindisa; ngiyakumphakamisa, ngokuba elazi iGama lami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 91:14
17 Referans Kwoze  

Abalaziyo igama lakho bethembela kuwe; Simakade awubalahli labo abakufunayo.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami. UBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.


Ubusisiwe umuntu okhuthazelayo lapho elingwa, ngokuba uma esevivinyiwe uyakwemukeliswa umqhele wokuphila, iNkosi ewuthembise labo abayithandayo.


Ngokuba uBaba luqobo uyanithanda, lokhu nina ningithandile, nakholwa ukuthi Mina ngavela kuNkulunkulu.


Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu, konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngokwecebo lakhe.


Lalelani, bazalwane bami abathandekayo, uNkulunkulu akabakhethanga yini abampofu bomhlaba ukuba babe ngabacebileyo okholweni, nezindlalifa zombuso awuthembisa kulabo abamthandayo na?


Lokhu manje seniyamazi uNkulunkulu noma seniyaziwa nguNkulunkulu, kungani pho seniphindela ezintweni ezingelutho, senifuna futhi ukuba yizigqila zazo na?


yena uyohlala endaweni ephakemeyo, imigede emaweni iyoba yizinqaba zakhe, uyophiwa isinkwa, ahlale njalo ethola amanzi.


Ngokuba uSimakade umenze wayisiphephelo sakho, oPhezukonke waba yinqaba yakho.


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi Wena wedwa, Nkulunkulu oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Khristu.


Nkulunkulu wami, ngikhulule ezitheni zami, ungivikele kwabangivukelayo.


Futhi njengokuba ngiyayithanda indlu kaNkulunkulu wami, nginengcebo yegolide nesiliva, ngiyakunikela endlini kaNkulunkulu wami, phezu kwakho konke engikulungisele indlu engcwele,


Kwakulusuku lwe-12, ngenyanga yokuqala, ngesikhathi sisuka emfuleni i-Ahava silibhekise eJerusalema. UNkulunkulu wethu wayenathi, esivikela ezitheni ezazisihlasela nezazisilalela unyendle endleleni.


Hubelani uSimakade ohlezi eZiyoni; memezelani izenzo zakhe phakathi kwabantu.


Kepha wena ngiyakukusindisa ngalolo lusuku, kusho uSimakade, awuyukunikelwa esandleni sabantu obesabayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite