Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 90:8 - IsiZulu 2020

8 Amacala ethu uwabeke phambi kwakho, izono zethu ezifihliweyo zisekukhanyeni kobuso bakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ubekile amacala ethu phambi kwakho, izono zethu ezifihliweyo ekukhanyeni kobuso bakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Uzibekile iziphambeko zethu phambi kwakho, nezono zethu ezifihliweyo ekukhanyeni kobuso bakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 90:8
23 Referans Kwoze  

Ngokuba amehlo ami ayazibona zonke izindlela zabo; azisithekile ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami.


Ngokuba uNkulunkulu uyoyisa yonke imisebenzi ekwahluleleni, nazo zonke izimfihlo, noma ngabe zinhle noma zimbi.


“Ukhona yini ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” kusho uSimakade. “Angiligcwalisi yini izulu nomhlaba na?” kusho uSimakade.


Ngubani owazi amaphutha akhe na? Ngithethelele eziphosisweni ezisithekileyo.


Ngabona abafileyo, abadala nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; kwase kuvulwa izincwadi; nenye incwadi yavulwa, okuyincwadi yokuphila. Abafileyo bahlulelwa ngalokho okwakulotshwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.


Ngokuba uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunayo, futhi Yena uyakwazi konke.


Siyacabanga sithi enhliziyweni yaso: “UNkulunkulu akanakile, akabhekile ngakimi, futhi ngeke angibone.”


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.


ngosuku lapho uNkulunkulu eyakwehlulela izimfihlo zabantu ngokwevangeli lami ngoKhristu uJesu.


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, ukubonile yini okwenziwa ngamalunga endlu ka-Israyeli ebumnyameni, yilelo nalelo ekamelweni lalo elinezithombe ezibaziweyo na? Ngokuba athi: ‘USimakade akasiboni. USimakade ulilahlile leli lizwe.’ ”


Ngokuba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaSimakade; uyayilinganisa yonke imikhondo yakhe.


Bawushise ngomlilo, bawunquma; mababhubhe ngokukhuza nje kwakho.


Lokho ukwenzile, ngathula, ushaye sengathi Mina nginjengawe; ngizakukusola, ngikubeke icala.


“Ngokuba amehlo akhe asezindleleni zabo bonke, uzibona zonke izinyathelo zabo.


uma azisiwe isono sakhe one ngaso, uyakuletha umnikelo wesiphongwane esingenasici.


uma azisiwe isono asenzileyo, uyoletha umnikelo wembuzi yensikazi engenasici, ngesono sakhe asenzileyo.


uma ngona, uyangiqaphela, awuyukungithethelela isono sami.


Mabahlale bephambi kukaSimakade njalo, ukuze akuqede ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.


Ngokuba noma ugeza ngesoda, uzithathele insipho eningi, ububi bakho bulotshiwe phambi kwami,” kusho iNkosi uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite