Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 90:2 - IsiZulu 2020

2 Zingakaveli izintaba, umhlaba, nezwe ungakakudali, kusukela phakade kuze kube phakade, Wena, Nkulunkulu, ukhona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kungakaveli izintaba, ungakawenzi umhlaba nezwe, kuthi kusukela phakade kuze kube phakade wena Nkulunkulu ukhona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Zingakaveli izintaba, kungakhathaliseki ukuthi wawenza umhlaba nezwe, kusukela phakade kuze kube phakade wena unguNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 90:2
23 Referans Kwoze  

UJesu Khristu nguYena izolo, nanamuhla, yebo, naphakade.


Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.


“Mina ngiyiSiqalo neSiphetho,” kusho iNkosi uNkulunkulu, “okhona, owayekhona, nozayo, uSomandla.”


Isihlalo sakhe sobukhosi simi siqinile kwasemandulo. Wena ukhona kuze kube phakade.


Wena Simakade Nkulunkulu wami, oNgcwele, awusiye yini owasemandulo na? Asiyukufa; usinqumele ukwehlulelwa; Wena Dwala, usibekele ukujeziswa.


Ngokuba wakhuluma, kwaba khona, wayaleza, kwama, kwagxila.


Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.


“Usho kanje uSimakade, iNkosi ka-Israyeli, noMhlengi wakhe, uSimakade Wamabandla, uthi: ngingowokuqala, futhi ngingowokugcina, ngaphandle kwami akekho uNkulunkulu.


Ngabe ungumuntu wokuqala yini owazalwa na? Wabakhona zingakabi bikho nezintaba na?


owenze izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukulo, ogcina iqiniso kuze kube phakade.


Kepha umusa kaSimakade uphezu kwabamesabayo phakade naphakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,


“Kepha wena Bhethlehema Efratha, nakuba ungomncinyane emindenini yakwaJuda, ngiyakuvusa oyakuvela kuwe, uyakuba ngumbusi kwa-Israyeli, ondabuko yakhe ngeyasemandulo, ezinsukwini zaphakade.”


“Nina nonke mikhawulo yomhlaba, phendukelani kimi, nisindiswe, ngokuba nginguNkulunkulu, akekho omunye.


U-Aroni welulela isandla sakhe phezu kwamanzi eGibhithe, kwaphuma amasele agcwala kulo lonke iGibhithe.


Bheka, uNkulunkulu uphakeme, asimqondi, ubungako beminyaka yakhe abunakuphenywa.


Uzovuka, uhawukele iZiyoni, ngokuba sekuyisikhathi somusa wakho kulo, isikhathi esinqunyiweyo sesifikile.


“Kuthe ngisabuka, kwase kubekwa izihlalo zobukhosi, kwahlala omdala wezinsuku. Izembatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa, izinwele ekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo. Isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo, amasondo aso engumlilo ovuthayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite