Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 90:13 - IsiZulu 2020

13 Buya, Simakade! Kuyoze kube nini na? Hawukela izinceku zakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Buya, Jehova! Koze kube nini na? Hawukela izinceku zakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Buya, Jehova, kuze kube nini? futhi makuphenduke kuwe ezincekwini zaKho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 90:13
20 Referans Kwoze  

Ngenxa yabo wasikhumbula isivumelwano sakhe, wabaphendula ngokobuningi bomusa wakhe.


Ngokuba uSimakade uyokwehlulela abantu bakhe, azihawukele izinceku zakhe.


“USimakade uyobehlulela abantu bakhe, abe nesihawu ezincekwini zakhe, lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile, akusekho oboshiweyo nokhululekileyo.


Nkulunkulu Wamabandla, phenduka, siyakucela, bheka phansi usezulwini, ubone, bese uwunakekela lo mvini,


Kwazi bani? Hleze uNkulunkulu angacabanga ngokunye, abe nobubele kithi, alubambe ulaka lwakhe oluvuthayo, angabe esasibhubhisa.”


USimakade waxola ngalokhu. “Ngeke kusenzeka,” kusho uSimakade.


USimakade waxola ngalokhu. “Ngeke kusenzeka,” kusho uSimakade.


“Ngingakuyekela kanjani, Efrayimi, ngikukhaphele kanjani, Israyeli na? Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima, ngikwenze kanjani ube njengeZebhoyimi na? Inhliziyo yami iyaphenduka ngaphakathi kimi, sonke isihawu sami sivusiwe.


Simakade, kuyoze kube nini uzisithile, nentukuthelo yakho ivutha njengomlilo na?


“Ngalokho usho kanje uSimakade, uthi: ‘Ngiyakubuyela eJerusalema ngesihawu, indlu yami iyakwakhiwa kulo, kudonswe intambo yokulinganisa phezu kweJerusalema,’ kusho uSimakade Wamabandla.


Kuyakuthi uma sengibasiphulile, ngibuye ngibahawukele, ngibabuyise, kube yilowo nalowo efeni lakhe nasezweni lakhe.


Nkulunkulu, kuyoze kube nini umcindezeli esithuka, isitha sihlala sihlambalaza igama lakho na?


USimakade wawuguqula umqondo wakhe ngenhlekelele ayehlose ukuyehlisela abantu bakhe.


Abazukusho yini abaseGibhithe bathi: ‘Wabakhipha ehlose okubi, ukuba ababulalele ezintabeni, abaqothe baphele nya emhlabeni.’ Phenduka olakeni lwakho olukhulu, uguqule umqondo wakho, ungabehliseli okubi abantu bakho.


Ekumeni kwawo wathi: “Buyela, Simakade emashumini ezinkulungwane zemindeni yakwa-Israyeli.”


Akukho ukukhumbula Wena kwelabafileyo; ngubani oyakukubonga endaweni yabafileyo na?


yebo, lo mvini utshalwe yisandla sakho sokunene, nendodana yakho ozikhulisele yona.


Simakade, kungani usidukisile ezindleleni zakho, uzenza lukhuni izinhliziyo zethu, zize zingakwesabi na? Buya ngenxa yezinceku zakho, izizwe zefa lakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite