Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 9:6 - IsiZulu 2020

6 Izitha ziphelile, zabhujiswa, wayisiphula imizi yazo, kwaphela nya ukukhunjulwa kwazo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Izitha ziphelile, zachitheka kuze kube phakade; imizi wayisimbula, ukukhunjulwa kwayo kwaphela nya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Wena sitha, incithakalo iphelile kuze kube nininini, uchithe imizi eyincithakalo; isikhumbuzo sabo sabhubha kanye nabo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 9:6
27 Referans Kwoze  

Sitha sami, ungasini ngethambo lami; ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka; lapho ngihlezi ebumnyameni, uSimakade uyakuba ngukukhanya kwami.


Kepha uMose wathi kubantu: “Ningesabi, qinani, nibone ukukhululwa uSimakade azonenzela khona namuhla; ngokuba laba baseGibhithe enibabona namuhla anisayukuphinde nibabone naphakade.


Yambamba udrago, inyoka endala, uMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane,


Isitha sokugcina esiyakubhujiswa ngukufa.


Isitha sami siyakukubona, sikhungathwe ngamahloni, leso ebesithi kimi: “Uphi uSimakade uNkulunkulu wakho na? Amehlo ami ayakusibona, manje siyakunyathelwa njengodaka emigwaqweni.


“Bheka, ngimelene nawe ntaba ebhubhisayo,” kusho uSimakade, “wena obhubhisa umhlaba wonke; ngiyakwelula isandla sami ngikushaye, ngikugingqagingqe emadwaleni, ngikuphendule intaba eshisiweyo.


“Awuzwanga yini ukuthi lokhu ngakuhlela kwasemandulo na? Ngakuceba ngezinsuku zakudala, lokhu engikwenzayo manje ukucekela phansi imizi ebiyelweyo, ibe yizindunduma zemvithi.


owenza izwe laba yihlane, wabhubhisa imizi yalo, akazivumela iziboshwa ukuba zibuyele emakhaya na?’


Uqeda izimpi kuze kube semikhawulweni yomhlaba, wephula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.


Ubuso bukaSimakade bumelene nabenzi bokubi, ukuba aqede ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.


Emlonyeni wezingane nowabancelayo, umisile amandla ngenxa yezitha zakho, ukuze ushabalalise isitha nomphindiseli.


isitha sami masiyizingele impilo yami, singifice. Siyidovadove phansi emhlabathini impilo yami, sidicilele phansi othulini isithunzi sami. Sela


“ ‘Awuzwanga yini kwakudala ukuthi ngakuhlela kwasemandulo na? Ngakunquma; manje sengikufikisile ukuba ubhubhise imizi ebiyelweyo, ibe yizinqwaba.


Kwathi ukuba abantu bakwa-Israyeli ababephesheya kwesigodi nalabo ababengaphesheya kweJordani, babone ukuthi abantu bakwa-Israyeli bayabaleka, nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi yabo, babaleka. AmaFilisti afika, ahlala kuyo.


Kwathi ngosuku lwesithathu lapho uDavide nabantu bakhe befika eZikilagi, bathola ukuthi ama-Amaleki ayehlasele eNegevu naseZikilagi, alinqoba, alishisa ngomlilo.


Behlelwe yingebhe novalo, ngobukhulu bamandla engalo yakho, bathulisa okwetshe, kwaze kwedlula abantu bakho Simakade, kwaze kwedlula abantu bakho ozithengele bona.


Kuyakuphela ukukhunjulwa kwaso emhlabeni, kungabi bikho okhumbula igama laso emigwaqweni.


USimakade uyakuzwa ukunxusa kwabalungileyo, abakhulule kuzo zonke izinhlupheko zabo.


Abafileyo abasaphili, imimoya yabo ayiyukuvuka; yingakho-ke wabajezisa, wababhubhisa, wenza ukuba bangabe besakhunjulwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite