Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 9:18 - IsiZulu 2020

18 Abampofu abasoze balibaleka; ithemba labathobekileyo nabahluphekileyo, aliyukunyamalala phakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Ngokuba ompofu kayikukhohlakala njalo; ithemba labahluphekayo aliyikunyamalala kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngokuba ompofu akayikukhohlakala njalo; ithemba labampofu aliyikubhubha phakade.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 9:18
15 Referans Kwoze  

Kepha Wena Simakade, uthi: “Ngenxa yabampofu abaphangwayo, nababuswezi ababubulayo, ngizakuvuka,” kusho uSimakade, “ngimbeke endaweni ephephile, ayilangazelelayo.”


Impela likhona ikusasa, nethemba lakho aliyukushatshalaliswa.


Yazi ukuthi kunjalo ukuhlakanipha emphefumulweni wakho; uma ukutholile, likhona ikusasa, nethemba lakho aliyukushabalala.


Lalelani, bazalwane bami abathandekayo, uNkulunkulu akabakhethanga yini abampofu bomhlaba ukuba babe ngabacebileyo okholweni, nezindlalifa zombuso awuthembisa kulabo abamthandayo na?


ukuba ezwe ukububula kweziboshwa, akhulule labo abase beqonde ekufeni,


UJesu, ewaphakamisela amehlo ngakubafundi, wathi: “Nibusisiwe nina enimpofu, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu.


Usuthisile abalambileyo ngezinto ezinhle, abacebileyo wabahambisa bevathazela.


Ngokuba umi kwesokunene sontulayo, ukuze amsindise kulabo abasongela umphefumulo wakhe.


Wawunaka umkhuleko wabangenalutho, akaze awedelela umthandazo wabo.


Mayivikele abantu abampofu, isindise abantwana babantulayo, iphohloze umcindezeli.


Ngokuba Wena, Nkosi Simakade, uyithemba lami; ngethembele kuwe kwasebusheni bami.


Ungumphindiseli, uyabakhumbula, akabakhohlwa abahluphekileyo nabathobekile, akakukhohlwa ukukhala kwabo.


“Nina enikhohlwa nguNkulunkulu, kuqapheleni lokho, funa nginidwengudwengule, kungabi bikho onisindisayo.


Sengathi ungazibulala izikhohlakali, Nkulunkulu, ngalokho-ke sukani kimi, nina bachithi begazi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite