Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 9:17 - IsiZulu 2020

17 Izikhohlakali ziyakubuyela endaweni yabafileyo, yebo, zonke izizwe ezikhohlwa nguNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ababi bayakubuyela endaweni yabafileyo, bonke abezizwe abakhohlwa uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ababi bayakuphendulelwa endaweni yabafileyo, nezizwe zonke ezikhohlwa uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 9:17
22 Referans Kwoze  

“Nina enikhohlwa nguNkulunkulu, kuqapheleni lokho, funa nginidwengudwengule, kungabi bikho onisindisayo.


“Zinjalo-ke izindlela zabo bonke abakhohlwa nguNkulunkulu, ithemba longenabunkulunkulu liyakushabalala.


“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”


Nokho abantu bami bangikhohliwe, bashisela okuyize impepho; bakhubeka ezindleleni zabo, emendweni yasemandulo, ukuba bahambe ngemikhondo, nangezindlela ezingahlelwanga;


Lokhu kuyisabelo sakho, isabelo engikulinganisele sona,” kusho uSimakade, “ngokuba wangikhohlwa wethembela emangeni.


Intombi ingakhohlwa yini yimvunulo yayo, nomakoti ixhama lakhe na? Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.


Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.


Ngalokho indawo yabafileyo inwebe umphimbo wayo, yakhamisa umlomo ngokungenamkhawulo; abahloniphekileyo, nesixuku esixokozelayo, nabajabulayo phakathi kwabo, behlela kuyo.


Maye komubi! Kuzomhambela kabi, ngokuba kuyakwenziwa kuye lokho izandla zakhe ezikwenzileyo.


Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe.


Kepha basheshe bayikhohlwa imisebenzi yakhe, ababe besasilandela iseluleko sakhe.


Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu, ukufa kuyakubelusa, ngakusasa abaqotho babusa phezu kwabo, isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu.


Uma singakhohlwa yigama likaNkulunkulu wethu, noma izandla zethu sizivulele unkulunkulu ongaziwa,


Ngiyakumjezisela izinsuku zoBhali lezo ayebashisela ngazo impepho, ezihlobisa ngezindandatho zakhe nangobucwebecwebe bakhe, elandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa Mina,” kusho uSimakade.


Izwi liyezwakala emadulini angamaqwaqwasi, likhala, linxusela abantu bakwa-Israyeli, ngokuba bayihlanekezele indlela yabo, bamkhohlwa uSimakade uNkulunkulu wabo.


Konke lokhu kusehlele, kodwa akusenzanga sakhohlwa nguwe, asisephulanga isivumelwano sakho.


Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo, achithe ngokushesha iseluleko soyisigwegwe.


Isikhohlakali siyakubhajwa ekukhohlakaleni kwaso, sibhajwe yizintambo zesono saso.


Wena uyakungcoliswa emehlweni ezizwe. Kulapho-ke uyokwazi khona ukuthi nginguSimakade.” ’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite