Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 9:1 - IsiZulu 2020

1 Ngiyakumbonga uSimakade ngenhliziyo yami yonke; ngilande ngazo zonke izimangaliso zakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngiyakumbonga uJehova ngayo yonke inhliziyo yami; ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Ngiyakukubonga, Jehova, ngayo yonke inhliziyo yami; ngizakwazisa zonke izimangaliso zakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 9:1
22 Referans Kwoze  

Nkosi Nkulunkulu wami, ngikubonga ngenhliziyo yami yonke, igama lakho ngilidumise kuze kube phakade,


Landani ngenkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe, izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.


Makadunyiswe uSimakade! Ngiyakumbonga uSimakade ngenhliziyo yami yonke enhlanganweni nasebandleni labaqotho.


ngimemezele ihubo lokubonga, ngilandise ngazo zonke izimangaliso zakho.


Ngakho-ke ngaye, masinikele umhlatshelo wokudumisa kuNkulunkulu, okuyisona sithelo sezindebe zomlomo wethu, sivume igama lakhe.


abantu engizidalele bona, ukuze bamemezele udumo lwami.


Ngizokumnika uSimakade izibongo ezifanele ukulunga kwakhe, ngilihubele indumiso igama likaSimakade Ophezukonke.


Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo, izibonakaliso zakhe, nezehlulelo zomlomo wakhe,


Ngiyokubonga ngenhliziyo yami yonke, ngikuhubele phambi konkulunkulu.


Nkosi, vula izindebe zami, ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho.


Saphendula sathi: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo wonke amandla akho, nangayo yonke ingqondo yakho; umthande nomakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”


Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.


Ngalolo lusuku uyothi: “Ngiyakubonga, Simakade, ngokuba ubungithukuthelele, kodwa intukuthelo yakho uyinqandile, wangiduduza.


Ubuningi bamakameli buyakukusibekela, amakameli asemancane akwaMidiyani nase-Efa; bonke abaseShebha bayakuza, bethwele igolide nempepho, bememezele izindumiso zikaSimakade.


Ngubani ongalanda ngezenzo zamandla kaSimakade, ezwakalise lonke udumo lwakhe na?


ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho, ngilande ngemisebenzi yakho; emasangweni endodakazi yaseZiyoni, ngithokoze ngokungisindisa kwakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite