Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 89:5 - IsiZulu 2020

5 Simakade, izimangaliso zakho ziyodunyiswa ngamazulu, ukwethembeka kwakho, ebandleni labangcwele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Izimangaliso zakho, Jehova, ziyadunyiswa ngamazulu, ukuthembeka kwakho ebandleni labangcwele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Amazulu azadumisa izimangaliso zakho, Jehova, lawe ugane ebandleni labangcwele.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 89:5
24 Referans Kwoze  

Amazulu ashumayela ngokulunga kwakhe, nezizwe zonke ziyayibona inkazimulo yakhe.


Amazulu alanda ngenkazimulo kaNkulunkulu, umkhathi umemezela ngomsebenzi wezandla zakhe.


Thokozani, mazulu, ngokuba uSimakade usukumile, nijabule nina zindawo eziphansi zomhlaba, nihlabelele kakhulu nina zintaba, nawe hlathi nayo yonke imithi ekuwe, ngokuba uSimakade umhlengile uJakobe, ngokuhlabelela, wazidumisa ngo-Israyeli.


Amazulu amemezela ngokulunga kwakhe, ngokuba uNkulunkulu ungumehluleli. Sela


Bambulelwa ukuthi lokho ababekwenza babengazenzeli nje bona, kodwa kwakuqondene nani, njengokuba bakhuluma ngalezo zinto, nani esenizizwa ngabashumayela ivangeli kini ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, lezo zinto izingelosi ezilangazelela ukuzibona.


bese nina enihluphekayo aniphe ukuphumula kanye nathi ekwambuleni kweNkosi uJesu, ivela ezulwini, inezingelosi zamandla ayo,


ukuze ngebandla baziswe manje ababusi nabanamandla emazulwini ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu,


Umfula womlilo wawugeleza uqubuka phambi kwakhe. Inkulungwane yezinkulungwane yayimkhonza, nezinkulungwane ezilishumi zezinkulungwane ezilishumi zimi phambi kwakhe; kwahlala abehluleli, izincwadi zavulwa.


UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emkhandlwini wabangcwele, umelwe ukuhlonishwa kakhulu yibo bonke abamzungezileyo.


“Ake umemeze: ukhona yini okuphendulayo na? Yimuphi kwabangcwele oyakuphendukela kuye na?


wathi: “USimakade weza evela eSinayi, wabakhanyisela evela eSeyiri, wakhazimula entabeni iPharanu. Weza nezigidi zabangcwele; ebaphathele umthetho ovuthayo esandleni sakhe sokunene.


Kuyothi lapho izinsuku zakho seziphelele ukuba uye koyihlomkhulu, ngimise abozalo lwakho omunye zalweni lwakho, ngiwuqinise umbuso wakhe.


Nguye oyakungakhela indlu, ngiyakusiqinisa isihlalo sakhe sobukhosi, kuze kube phakade.


Ngakho-ke ngizolihubela igama lakho kuze kube phakade, ukuze ngifeze izifungo zami usuku nosuku.


“Uma abantwana bakhe bewushiya umthetho wami, bengahambi ngezehlulelo zami,


Bayakuma kuze kube phakade njengenyanga, ibe ngufakazi esibhakabhakeni.”


USimakade wafunga kuDavide, iqiniso angayukuguquka kulo, wathi: “Ovela okhalo lwakho ngiyombeka esihlalweni sakho sobukhosi.


Ngokuba sizalelwe uMntwana, siphiwe iNdodana; umbuso uyokuba semahlombe akhe. IGama lakhe kuyothiwa nguMeluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, uMbusi wokuthula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite