Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 89:36 - IsiZulu 2020

36 Abozalo lwakhe bayakuma kuze kube phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengelanga phambi kwami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 Inzalo yakhe iyakuma phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengelanga phambi kwami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Inzalo yakhe iyakuma kuze kube phakade, nesihlalo sakhe sobukhosi sinjengelanga phambi kwami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 89:36
14 Referans Kwoze  

Bayakwesaba Wena, kusekhona ilanga nenyanga, izizukulwane ngezizukulwane.


Uzalo lwakhe ngiyolwenza lume kuze kube phakade, isihlalo sakhe sobukhosi siyokuma, inqobo nje kusekhona isibhakabhaka.


“Mina-ke, lesi yisivumelwano sami nabo,” kusho uSimakade, “sokuthi uMoya wami ophezu kwakho namazwi ami engiwabeke emlonyeni wakho akuyukusuka emlonyeni wakho, nasemlonyeni wabantwana bakho, nasemlonyeni wezizukulwane zakho,” kusho uSimakade, “kusukela manje kuze kube phakade.”


Igama layo malime kuze kube phakade, udumo lwayo luphakame njengelanga. Zonke izizwe mazidunyiswe ngayo, bonke abezizwe mabathi ibusisiwe.


uyakubusa phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wakhe awuyukuphela.”


Umbuso wakhe uyokwanda njalo, ukuthula kungaze kwaphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze usekelwe, umiswe ngobulungiswa nangobuqotho, kusukela manje kuze kube phakade. Intshisekelo kaSimakade Wamabandla iyokwenza lokho.


“Uzalo lwakho ngizoluqinisa kuze kube phakade, isihlalo sakho sobukhosi ngisisimamise izizukulwane ngezizukulwane.” Sela


Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi simiswe, kuze kube phakade.” ’ ”


Ngakho isixuku samphendula, sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKhristu uyakuphila phakade. Pho usho kanjani ukuthi iNdodana yomuntu ifanelwe ukuphakanyiswa na? Ingubani le Ndodana yomuntu na?”


“Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Uma ningasephula isivumelwano sami nemini, nesivumelwano sami nobusuku, kungabe kusaba bikho mini nabusuku ngesikhathi sakho,


Nokho uSimakade wathanda ukuyishaya ngezifo. Wenza umphefumulo wayo waba ngumnikelo wecala. Iyakusibona isizukulwane sayo, yenze izinsuku zayo zibe ziningi, nentando kaSimakade iyakuphumelela esandleni sayo.


UNkulunkulu makenze kanjalo ku-Abhineri, enezele futhi, uma ngingenzi kuDavide njengalokhu uSimakade efungile kuye,


kanjalo nesivumelwano sami noDavide, inceku yami, sokuba kube khona ohlala esihlalweni sobukhosi abuse, siyakwephulwa kanjalo nakubaLevi, abaphristi, izikhonzi zami.


INkosi uSimakade ifungile ngobungcwele bayo, yathi: “Bhekani-ke, ziyonifikela izinsuku lapho niyakuthathwa ngezingwegwe, nezizukulwane zenu ngezindobo zokudoba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite