Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 89:3 - IsiZulu 2020

3 Ngenzile isivumelwano nokhethiweyo wami, ngafunga kuDavide, inceku yami, ngathi:

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngenzile isivumelwano nokhethiweyo wami, ngifungile kuye uDavide inceku yami ukuthi:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngenza isivumelwano nabakhethiweyo bami, ngafunga encekwini yami uDavide,

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 89:3
22 Referans Kwoze  

USimakade wafunga kuDavide, iqiniso angayukuguquka kulo, wathi: “Ovela okhalo lwakho ngiyombeka esihlalweni sakho sobukhosi.


Ngakho-ke lokhu engumphrofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wafunga kuye ngesifungo ukuthi olibeni lokhalo lwakhe uyakubeka omunye esihlalweni sakhe sobukhosi.


Umusa wami ngiyomgcinela wona kuze kube phakade; isivumelwano sami siyohlala siqinile kuye.


‘Kusukela ngosuku engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli eGibhithe, angikhethanga muzi ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe khona lapho, kepha ngamkhetha uDavide ukuba abuse abantu bami u-Israyeli.’


“Indlu yami ayinjalo yini kuNkulunkulu na? Ngokuba wenze nami isivumelwano saphakade; zonke izinto wazihlela, wazivikela. Yonke insindiso yami nokwenama kwami, uyakukuhlumisa.


kepha yena wabekwa ngokufunga nguye owakhuluma kuye, ethi: “INkosi yafunga, ayiyukuzisola, yathi: ‘Wena ungumphristi kuze kube phakade.’ ”


Kuyakuthi emveni kwalokho abantu bakwa-Israyeli baphenduke, bafune uSimakade uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, bayakuzithoba kuSimakade nasebuhleni bakhe ekupheleni kwezinsuku.


Bekani izindlebe, nizwe, nize kimi, uyophila umphefumulo wenu; ngiyokwenza nani isivumelwano esiphakade, izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.


UNkulunkulu makenze kanjalo ku-Abhineri, enezele futhi, uma ngingenzi kuDavide njengalokhu uSimakade efungile kuye,


Kwase kuzwakala izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo.”


kodwa bayakukhonza uSimakade uNkulunkulu wabo, noDavide inkosi yabo engiyakubavusela yena.


Usichithile isivumelwano senceku yakho, wawungcolisa othulini umqhele wayo.


Yakhetha uDavide, inceku yayo, yamthatha ezibayeni zezimvu.


“Bheka, inceku yami engiyesekayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; ngibekile umoya wami phezu kwakhe, uyakwenzela izizwe ubulungiswa.


Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kwabethembekileyo bakho, wathi: “Ngimsizile onamandla, ngimphakamisile okhethwe phakathi kwabantu.


Ingelosi kaSimakade yakhuphuka eGiligali, yaya eBhokhimi, yathi: “Nganikhipha eGibhithe, nganiletha ezweni engalethembisa okhokho benu, ngathi: ‘Angisoze ngasephula isivumelwano sami nani kuze kube phakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite