Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 89:24 - IsiZulu 2020

24 Ukwethembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye, egameni lami luyakuphakama udumo lwakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Ukuthembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye; egameni lami luyakuphakama uphondo lwakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Kodwa ukwethembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye, futhi uphondo lwakhe luyophakanyiswa egameni lami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 89:24
15 Referans Kwoze  

Nakuba izithembiso zikaNkulunkulu ziziningi kakhulu, kuYena zinguyebo, ngakho-ke ngaye zingu-Amen; kudunyiswe uNkulunkulu ngathi.


Ngoba ubambelele kimi, ngizomhlenga, ngimvikele, ngokuba walazi iGama lami.


Angisekho emhlabeni kodwa bona basemhlabeni. Baba ongcwele, bagcine egameni lakho, labo ongiphe bona, ukuze babe munye njengathi.


“Ngilibonakalisile igama lakho kubantu ongiphe bona kwabasemhlabeni. Babengabakho, wangipha bona; baligcinile izwi lakho.


Umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kweza ngoJesu Khristu.


Kepha umusa wami angiyukuwususa kuye, ngingaphikisi ukuthembeka kwami.


Umusa wami ngiyomgcinela wona kuze kube phakade; isivumelwano sami siyohlala siqinile kuye.


Sihlokome, sihalalise ngokunqoba kwakho, siphakamise ibhanela egameni likaNkulunkulu wethu. USimakade makaphumelelise konke okucelayo.


USimakade makakuphendule ngosuku lwenhlupheko. Igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele.


UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyethaba kuSimakade, uSimakade ungiqinisile, manje nginempendulo ezitheni zami, ngiyathokoza, ngokuba ungikhululile.


Iyohlala embusweni, phambi kukaNkulunkulu ingunaphakade. Yiqokele ububele neqiniso, ukuba kuyilonde.


Ngibazisile igama lakho, ngizakubazisa lona ukuba uthando ongithande ngalo lube kubo, nami ngibe kubo.”


“Washo lokhu ngoJuda: ‘Yizwa, Simakade, yizwa izwi likaJuda, umlethe kwabakubo; izandla zakho zimlwele, umsize kwabamelene naye.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite