Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 89:19 - IsiZulu 2020

19 Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kwabethembekileyo bakho, wathi: “Ngimsizile onamandla, ngimphakamisile okhethwe phakathi kwabantu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kubo abakholwayo bakho, wathi: “Ngibekile usizo eqhaweni, ngiphakamisile okhethiwe phakathi kwabantu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Khona-ke wakhuluma koNgcwele wakho embonweni wathi: “Nginikeze usizo olunamandla; ngiphakamisile okhethiweyo phakathi kwabantu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 89:19
17 Referans Kwoze  

Kwaphendula enye yezinsizwa, yathi: “Ngiyibonile mina indodana kaJese waseBhethlehema, ekwaziyo ukubetha ihabhu; iyiqhawe elinamandla, indoda yempi, iliciko lokukhuluma, iyabukeka; uSimakade unayo.”


“ ‘Kepha angiyukuwususa wonke umbuso esandleni sakhe; ngiyomenza umbusi zonke izinsuku zokuphila kwakhe ngenxa kaDavide, inceku yami, engamkhetha, yena wayigcina imiyalo yami nezimiso zami.


Ngokuba sizalelwe uMntwana, siphiwe iNdodana; umbuso uyokuba semahlombe akhe. IGama lakhe kuyothiwa nguMeluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, uMbusi wokuthula.


Ngenzile isivumelwano nokhethiweyo wami, ngafunga kuDavide, inceku yami, ngathi:


“Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu, novala kungavuli muntu, uthi:


ukuba nikhumbule amazwi akhulunywa phambilini ngabaphrofethi abangcwele nomyalo weNkosi noMsindisi owashunyayelwa ngabaphostoli benu.


Ngokuba akukho siphrofetho noma nini esake seza ngentando yomuntu, kodwa abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.


njengalokhu yakhuluma ngomlomo wabaphrofethi bayo abangcwele selokhu kwadabuka umhlaba,


wathi: “Ufunani kithi Wena Jesu waseNazaretha na? Uze ukuba uzosibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuthi ungubani – ungoNgcwele kaNkulunkulu.”


Isikhulu siyakuba ngomunye wabo, nombusi walo uyakuvela phakathi kwabo. Ngiyakumsondeza, asondele kimi, ngokuba ngubani oke waba nesibindi sokusondela kimi na?’ kusho uSimakade.


Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku, ngokuba usuku lonke bathi kimi: “Uphi uNkulunkulu wakho na?”


Ngisho nonesibindi, onenhliziyo enjengeyengonyama, uyophelelwa ngamandla ngenxa yokwesaba, ngokuba wonke u-Israyeli uyazi ukuthi uyihlo uyiqhawe, nabantu ahamba nabo bangamaqhawe anamandla.


USimakade wathi kuSamuweli: “Uyakumkhalela kuze kube nina uSawule na? Ngimlahlile, ngeke esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngikuthuma kuJese waseBhethlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”


Ngakhala kuSimakade ngezwi lami; wangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite