Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 89:15 - IsiZulu 2020

15 Sibusisiwe isizwe esikwazi ukuhlabelela ngenjabulo, sihamba ekukhanyeni kobukhona bakho, Simakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Sibusisiwe isizwe esikwazi ukuhlabelela ngenjabulo; siyahamba, Jehova, ekukhanyeni kobuso bakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Babusisiwe abantu abayaziyo intokozo; bayakuhamba, Jehova, ekukhanyeni kobuso bakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 89:15
21 Referans Kwoze  

Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kodwa kwaba yisandla sakho sokunene nengalo yakho, nokukhanya kobukhona bakho, ngokuba wethaba ngabo.


Baningi abathi: “Ngubani oyakusenzela okuhle na?” Simakade, phakamisela ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.


lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami, ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,


Wangazisa izindlela zokuphila; uyakungigcwalisa ngokujabula ebusweni bakho.’


Wena ndlu kaJakobe, woza sihambe ekukhanyeni kukaSimakade.


Hlokoma kuSimakade ngezwi lokuhalalisa, mhlaba wonke.


uSimakade makaphakamise ubuso bakhe phezu kwakho, akuphe ukuthula.’ ”


Akayibonanga inhlekelele engehlela uJakobe, akabonanga nankathazo kwa-Israyeli. USimakade uNkulunkulu wabo unabo, inhlokomo yenkosi yabo iphakathi kwabo.


Ngezinsuku zokuthokoza kwenu, nangemikhosi emisiweyo, nasekwethwaseni kwenyanga, niyakubetha amacilongo enu phezu kweminikelo yenu yokushiswa naphezu kwemihlatshelo yeminikelo yenu yokuthula. Iyoba yisikhumbuzo senu phambi kukaNkulunkulu wenu; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.”


Uyoshaya icilongo limpompoloze kuzwakale kulo lonke izwe lakini, ngosuku lweshumi lwenyanga yesikhombisa, okuwusuku lokubuyisana.


Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuze kuwukhanyise, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo yiWundlu.


Kepha ngithi: abezwanga yini na? Impela bezwa kahle: “Izwi labo liphumele emhlabeni wonke, namazwi abo emikhawulweni yomhlaba.”


Bayakushumayela kanjani uma bengathunywa na? Njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Yeka, zinhle kangakanani izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle.”


Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. Gubha imikhosi yakho Juda, feza izifungo zakho, ngokuba omubi akasayukudabula futhi kuwe. unqunywe ngokupheleleyo.


Uma inkosi ithokozile kukhona ukuphila, nesisa sayo sinjengefu lemvula yakamuva.


Ekuseni buyahluma, bukhahlele, kusihlwa bubune, bunqunywe.


Yena uphahlwe ngamafu nobumnyama, ukulunga nobulungiswa kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite