Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 88:8 - IsiZulu 2020

8 Ubaxoshele kude ebengikade ngazana nabo, ungenze ngaba yisinengiso kubo; ngivalelwe, angikwazi ukuphuma.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Engikade ngazana nabo ubaxoshele kude, wangenza ngibe yisinengiso kubo; ngivalelwe, ngingephume.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ubasusile kude nami abangazi bami; Ungenze ngaba yisinengiso kubo; ngikhiyiwe angikwazi ukuphuma.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 88:8
18 Referans Kwoze  

Ngiyisigcono sazo zonke izitha zami, ingasaphathwa-ke eyomakhelwane bami. Sengiyinto esabisayo kubangani bami. Engihlangana nabo emgwaqweni bayangibalekela.


Ngabaxosha abelusi abathathu ngenyanga eyodwa, ngoba sengikhathele ukubabekezelela, sengidiniwe futhi yibona.


Ngaleso sikhathi impi yenkosi yaseBhabhele yalivimbezela iJerusalema. UJeremiya, umphrofethi, wayevalelwe egcekeni labalindi elalisesigodlweni senkosi yakwaJuda.


Usho kanje uSimakade, uMhlengi ka-Israyeli noNgcwele wakhe, kodelelekile oyisinengiso esizweni, noyinceku yababusi, uthi: “Amakhosi ayakubona qede asukume; izikhulu zikubone, bese zikhothama ngenxa kaSimakade othembekileyo, oNgcwele ka-Israyeli; okukhethileyo.”


Abaphristi abakhulu nabaFarisi babekhiphe umyalo wokuthi uma kukhona owaziyo ukuthi ukuphi, ababikele, ukuze bambambe.


“Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa; kwakungekho noyedwa kubantu owayenami; ngabanyathela ngentukuthelo yami, ngabaciphiza ngolaka lwami, negazi labo lachaphazela izingubo zami, ngazingcolisa zonke izembatho zami.


Umoya wami udikibele, inhliziyo yami idangele.


Bheka ngakwesokunene sami, uyabona, akukho namunye onginakekelayo, angisenasiphephelo, akekho osawukhathalela umphefumulo wami.


Ubaxoshele kude isihlobo nomngani, ubumnyama yibona obungumhlobo wami.


Bayangenyanya, bamela kude nami, abayeki ukungikhafulela ngamathe.


Uyivalile indlela yami ukuze ngingedluli, wabeka ubumnyama ezindleleni zami.


Yena uma ebhidliza, akekho ongakha kabusha, uma evalela umuntu, akekho ongamvulela.


Emini uSimakade uyaleza umusa wakhe, ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi, ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite