Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 88:4 - IsiZulu 2020

4 Sengibalwa nabehlela emgodini, sengifana nomuntu ongasenamandla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngibalwa kanye nabashona emgodini, nginjengomuntu ofileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngibalwa kanye nabehlela egodini; ngifana nendoda engenamandla.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 88:4
14 Referans Kwoze  

Ngikhala kuwe, Simakade; Dwala lami, ungazenzi isithulu kimi, funa uma uthalalisa, ngifane nalabo abehlela egodini.


Thina ngokwethu sazibonela ukufa, ukuze singazethembi thina, kodwa sethembele kuNkulunkulu ovusa abafileyo.


Simakade, shesha ungiphendule, umphefumulo wami udangele, ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabashona egodini.


Sebengikhohliwe ezinhliziyweni zabo, senginjengomuntu ofileyo, nesitsha esephukileyo.


Ngokuba wabethelwa esiphambanweni ngobuthakathaka, kodwa uyaphila ngamandla kaNkulunkulu. Ngokuba nathi sibuthakathaka kuye, kepha lapho sibhekene nani, sizakuphila kanye naye ngamandla kaNkulunkulu.


Ngokuba sisebuthakathaka, uKhristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo,


Ngazika ngafinyelela ezisekelweni zezintaba, endaweni yabafileyo. Izinsika zomhlaba zangivalela phakade; kepha Wena, Simakade Nkulunkulu wami, wayophula impilo yami emgodini.


ngiyakukwehlisa nabehlela egodini, kubantu basemandulo, ngikuhlalise ekujuleni komhlaba nabehlela egodini njengasezindaweni eziyincithakalo, kusukela emandulo, ukuze ungaphindi ubuye, ungabi nandawo futhi ezweni labaphilayo.


“Kunanzuzoni ukufa kwami, lapho ngishona phansi egodini na? Ngabe uthuli luzokudumisa yini na? Ngabe luzokhuluma ngokwethembeka kwakho na?


“Umoya wami wephukile, imihla yami iyaphela, sengibhekene negodi.


Yayidelelekile, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu okujwayele ukugula; yayeyiswa, injengofihlelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho.


Ungisuthise ngomunyu, wangiphuzisa inyongo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite