Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 86:2 - IsiZulu 2020

2 Londoloza umphefumulo wami, ngokuba ngingoqotho; Wena Nkulunkulu wami, sindisa inceku yakho ekwethembayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Londoloza umphefumulo wami, ngokuba ngingoqotho; wena Nkulunkulu wami, sindisa inceku yakho ekwethembayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Londoloza umphefumulo wami; ngoba mina ngingcwele; O Nkulunkulu wami, sindisa inceku yakho ethembela kuwe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 86:2
23 Referans Kwoze  

Yazini ukuthi uSimakade uzehlukanisele abaqotho; uSimakade uyakuzwa lapho ngikhala kuye.


Nkulunkulu wami, ngethembele kuwe; ungavumi ukuba ngihlazeke; izitha zami mazingaqhoshi ngami.


Angisekho emhlabeni kodwa bona basemhlabeni. Baba ongcwele, bagcine egameni lakho, labo ongiphe bona, ukuze babe munye njengathi.


Ngingowakho, ngisindise, ngokuba ngizifunile iziyalezo zakho.


Simakade, ngiphephela kuwe, mangingajabhiswa naphakade, ngikhulule ngokulunga kwakho.


Ungikhululile kuzona; wangisindisa ngoba engithanda.


Ngilondoloze Nkulunkulu, ngoba uyisiphephelo engikhosela kuso.


Kepha mina ngethembele emseni wakho, inhliziyo yami mayethabe ngensindiso yakho.


Ngakho-ke unesihawu kulowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.


Uma umuntu efuna ukungikhonza, makangilandele; lapho ngikhona Mina, siyakuba khona lapho nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa.


Ngomusa wakho uzishabalalise izitha zami, ubabhubhise bonke abahlupha umphefumulo wami, ngokuba ngiyinceku yakho.


“Buthelani kimi abathembekileyo bami, abenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.”


Ngokuba uSimakade uyabuthanda ubulungiswa, abathembekileyo bakhe akabashiyi. Ubalondoloza kuze kube phakade, kodwa abozalo lwababi bazobhujiswa.


Kepha mina ngethemba Wena Simakade, ngithi: “Wena unguNkulunkulu wami.”


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kodwa izikhohlakali ziyakubhujiswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakuphumelela ngamandla akhe odwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite