Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 86:14 - IsiZulu 2020

14 Nkulunkulu, izedeleli zingivukele, isigejana sezixhwanguxhwangu sizingele umphefumulo wami, sangaba nandaba nawe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Nkulunkulu, izideleli zingivukele, ibandla lezidlwangudlwangu lifuna umphefumulo wami; azibekanga wena phambi kwazo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Nkulunkulu, abaziqhenyayo bangivukele, nezixuku zabanobudlova zifuna umphefumulo wami; futhi akakubekanga phambi kwabo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 86:14
21 Referans Kwoze  

Abafokazi bangivukele, izidlova zizingela impilo yami. Azimgqizi qakala uNkulunkulu. Sela


Isiphambeko sithi komubi, ekujuleni kwenhliziyo yaso: “Akukho ukwesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo akhe.”


Abaqondi lutho bonke abenza okubi, abadla abantu bami sengathi badla isinkwa, bengakhuleki kuSimakade.


Wathi kimi: “Ububi bendlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda bukhulu ngokwedlulele, izwe ligcwele igazi, nasemzini kudlange ukonakala, ngokuba bathi: ‘USimakade ulishiyile leli lizwe futhi akaboni.’


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, ukubonile yini okwenziwa ngamalunga endlu ka-Israyeli ebumnyameni, yilelo nalelo ekamelweni lalo elinezithombe ezibaziweyo na? Ngokuba athi: ‘USimakade akasiboni. USimakade ulilahlile leli lizwe.’ ”


Abazidlayo bangithukusele ugibe, ngezintambo bendlala inetha, eceleni kwendlela, bangibekela izihibe. Sela


Abaqhoshayo bangimbela imigodi, labo abaphambene nomthetho wakho.


Abazikhukhumezayo bangiqambela amanga; ngizozigcina ngenhliziyo yami yonke iziyalezo zakho.


Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu, kepha emthethweni wakho angichezuki.


Unyawo lozidlayo lungifihlize, noma isandla somubi singixoshe.


Nkulunkulu, kungani ukuba isikhohlakali sikwedelele sicabange sithi: “Ngeke wangenza lutho,” na?


Siyacabanga sithi enhliziyweni yaso: “UNkulunkulu akanakile, akabhekile ngakimi, futhi ngeke angibone.”


Isikhohlakali siyazigqaja, asifuni ukubuyela kuwe, ngisho nje ukuba sicabange ngawe.


U-Absalomu nabantu bonke bakwa-Israyeli bathi: “Iseluleko sikaHushayi, umArikhi, singcono kuneseluleko sika-Ahithofeli.” Ngokuba uSimakade wayenqumile ukuba kubhuntshe iseluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uSimakade amehlisele okubi u-Absalomu.


Wayesethi u-Absalomu ku-Ahithofeli: “Sinike iseluleko sakho, senzenjani, na?”


Iyokuphindisela okubi okwenziwe yizitha zami; zibhubhise ngeqiniso lakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite