Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 85:9 - IsiZulu 2020

9 Impela insindiso yakhe iseduzane nabamesabayo, ukuze inkazimulo yakhe ihlale ezweni lakithi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Impela insindiso yakhe iseduze nabamesabayo, ukuze kuhlale udumo ezweni lethu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngempela, insindiso yakhe iseduze kwabamesabayo; ukuze inkazimulo ihlale ezweni lakithi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 85:9
22 Referans Kwoze  

‘Kepha Mina, ngiyakuba lugange lomlilo kulo oluluzungeze ngimbi ci, futhi ngibe yinkazimulo kulo,’ kusho uSimakade.


Ngikusondezile ukulunga kwami, akukho kude, insindiso yami ayiyukulibala. Ngiyonika iZiyoni insindiso, nodumo lwami ku-Israyeli.’ ”


Uma umuntu efuna ukwenza intando kaNkulunkulu, uyakwazi ngemfundiso, ukuthi ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami nje.


ukukhanya kokwambulela abezizwe nenkazimulo yesizwe sakho u-Israyeli.”


Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla ongithumile ukuyolanda inkazimulo yakhe ezizweni ezaniphanga, ngokuba othinta nina usethinte inhlamvu yeso lakhe.


ngiyakukwehlisa nabehlela egodini, kubantu basemandulo, ngikuhlalise ekujuleni komhlaba nabehlela egodini njengasezindaweni eziyincithakalo, kusukela emandulo, ukuze ungaphindi ubuye, ungabi nandawo futhi ezweni labaphilayo.


Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa, oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”


UPawula wayesesukuma, waphakamisa isandla, wathi: “Madoda akwa-Israyeli, nani enesaba uNkulunkulu, lalelani:


ULizwi waba ngumuntu, wahlala phakathi kwethu. Sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo yozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


USimakade uyodala phezu kwayo yonke indawo entabeni iZiyoni, naphezu kwazo zonke izindawo zokuhlanganela ifu emini, nentuthu nokukhanya kwelangabi lomlilo ebusuku. Ngokuba phezu kwayo yonke inkazimulo, kuyoba khona isivikelo.


Ukusindiswa kukude nezikhohlakali, ngokuba azizifuni izimiso zakho.


U-Eli wathi kuSamuweli: “Hamba uyolala, kuyothi uma ekubiza, uthi: ‘Khuluma, Simakade, ngokuba inceku yakho ilalele.’ ” Wayesehamba uSamuweli, wayolala endaweni yakhe.


Niyakusho kanjalo, omunye kumakhelwane wakhe, nomfowabo kumfowabo, nithi: ‘USimakade uphendule wathini na?’ nokuthi: ‘USimakade utheni na?’


Ngalokho uyakusho kanje kumphrofethi, uthi: ‘USimakade ukuphendule wathini?’ nokuthi: ‘USimakade utheni na?’


Ngokuba Mina ngiyawazi amacebo enginawo ngani,” kusho uSimakade, “amacebo okuba nibe nenhlalakahle, hhayi awokunilimaza, awokuninika ikusasa nethemba.


Wabuye wathi kimi: “Ndodana yomuntu, wonke amazwi ami engiyakuwakhuluma kuwe, afake enhliziyweni yakho, uwezwe ngezindlebe zakho.


Ngiyakuma endaweni yami yokulinda, ngime embhoshongweni, ngibheke ukuba ngibone ukuthi uyakukhulumani ngami, nokuthi ngiyakuphendula ngithini ngokukhononda kwami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite