Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 84:3 - IsiZulu 2020

3 Ngokuba inyoni ifumene isidleke, nenkonjane yazitholela isidleke sayo, lapho ingabeka khona amaphuphu ayo, ngisho kuma-althare akho, Simakade Wamabandla, Nkosi yami, Nkulunkulu wami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba umzwilili ufumene indlu, nenkonjane isidleke sayo, lapho ibeka khona amazinyane ayo, ngisho ama-altare akho, Jehova Sebawoti, Nkosi yami, Nkulunkulu wami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Yebo, inkonjane ithole indlu, nenkonjane isidleke sayo, lapho ingabeka khona amazinyane ayo, okungukuthi ama-altare akho, Jehova Sebawoti, Nkosi yami, Nkulunkulu wami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 84:3
10 Referans Kwoze  

Nkosi, Wena uyisiphephelo sethu izizukulwane ngezizukulwane.


Lowo ohlala emphemeni woPhezukonke akhosele emthunzini kaSomandla,


UJesu wayesethi kuso: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kodwa iNdodana yomuntu kayinandawo lapho ingacamelisa khona ikhanda.”


ngize ngifike e-althare likaNkulunkulu, kuNkulunkulu oyinjabulo yami nokwethaba kwami; ngikudumise ngokhehlegume, Nkulunkulu, Nkulunkulu wami.


Buyela endaweni yakho yokuphumula, mphefumulo wami, ngokuba uSimakade ukuphathe ngomusa.


Yizwa izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngikhuleka kuwe.


“Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaphrofethi, ubakhande ngamatshe labo abathunyelwe kuwe, kukaningi kangakanani ngilangazelela ukuqoqa abantwana bakho, ngibakhusele phansi kwamaphiko njengesikhukhukazi sikhusele amachwane aso phansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga.


Inkosi yathi kuZadoki: “Ubuyisele emzini umphongolo kaNkulunkulu. Uma ngifumana umusa emehlweni kaSimakade, uzokungibuyisa, angibonise wona nendlu yawo,


Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku, ngokuba usuku lonke bathi kimi: “Uphi uNkulunkulu wakho na?”


‘Yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: “Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: uyabona-ke, sengizoyingcolisa indlu yami engcwele; ukuzigabisa ngamandla enu, ukunxanela kwamehlo enu, nokuthanda kwempilo yenu. Amadodana namadodakazi enu eniwashiyile, ayakudliwa yinkemba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite