Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 82:5 - IsiZulu 2020

5 Kabanakwazi nakuqonda, badukuza ebumnyameni; zonke izisekelo zomhlaba ziyazamazama.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Abanakwazi, abanakuqonda, bahamba ebumnyameni; izisekelo zonke zomhlaba ziyazamazama.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Abazi, futhi ngeke baqonde; bahamba ebumnyameni: zonke izisekelo zomhlaba zibolile.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 82:5
19 Referans Kwoze  

Olungileyo uyokwenzenjani, lapho zibhujiswa izisekelo zomhlaba,” na?


Ngathi: “Ake nizwe nina zinhloko zakwaJakobe, nani baholi bendlu ka-Israyeli. Akunina yini okufanele nazi ubulungiswa na?


Njengalokhu benqaba ukukubona, kuyinto enhle ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabayekela ekungaqondini kwabo ukwenza okungemukelekile.


abadela izindlela zobuqotho, bahambe ebumnyameni.


Kepha ozonda umzalwane wakhe, usebumnyameni, uhamba ebumnyameni, akazi lapho eya khona, ngokuba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe.


UJesu wayesethi kubo: “Kuseyisikhashana ukukhanya kukhona phakathi kwenu. Hambani nisenokukhanya, ukuze ningaficwa ngubumnyama. Ohamba ebumnyameni, akazi ukuthi uya kuphi.


ngenxa yokuba bazonde ulwazi, bakhetha ukungamesabi uSimakade.


Abaqondi lutho bonke abenza okubi, abadla abantu bami sengathi badla isinkwa, bengakhuleki kuSimakade.


Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu oluthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKhristu makadede kukho ukungalungi.”


Yilesi isehlulelo ukuthi ukukhanya kufikile emhlabeni, kodwa abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngoba imisebenzi yabo imibi.


Ngalokho ukwehlulela kukude nathi, nokulunga akusifumani; silindela ukukhanya simagange, kodwa sibona ubumnyama; silindela ukukhanya, kodwa sidukuza ebumnyameni.


Isivini sikaSimakade Wamabandla yindlu ka-Israyeli, bonke abantu bakwaJuda bayisithombo sakhe esithandekayo; walindela ubulungiswa, kodwa kwachitheka igazi; wabheka ukulunga, kodwa kwaba ngukukhala.


Abanakwazi yini abenza okubi, abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa, bengakhuleki kuNkulunkulu na?


Phezu kwalokho ngabona ukuthi phansi komthunzi welanga, esikhundleni sobulungiswa, kunenkohlakalo; esikhundleni sobuqotho, kunobubi.


Umuntu ohlakaniphile uyabona ukuthi uyaphi, kodwa isiwula sidukuza ebumnyameni. Kodwa ngabona ukuthi siyafana isiphetho sabo bobabili.


Indlela yezikhohlakali injengobumnyama; abazi nokuthi bakhutshwa yini.


Umhlaba uyancibilika nabo bonke abakhe kuwo; Mina ngizimisile izinsika zawo.” Sela


ngoba thina singabayizolo nje, asinalwazi; izinsuku zethu emhlabeni ziyithunzi.


USimakade uyabusa, abantu mabathuthumele, uhleli phezu kwamakherubhi, umhlaba mawuzamazame.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite