Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 81:14 - IsiZulu 2020

14 Izitha zabo bengizozithobisa ngokushesha, abamelene nabo ngibashaye ngesandla sami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Bengiyakuthobisa masinyane izitha zabo, ngiselulele isandla sami kwabamelene nabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Bengiyozithobisa masinyane izitha zabo futhi ngibuyisele isandla sami phezu kwabamelene nabo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 81:14
9 Referans Kwoze  

Ngiyakubhubhisa izakhamuzi e-Ashidodi, nophethe intonga yobukhosi e-Ashikeloni. Ngiyakushaya ngesandla sami i-Ekroni, insali yamaFilisti iyakuphela nya,” kusho iNkosi uSimakade.


yazini impela ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu akayukuqhubeka axoshe lezi zizwe phambi kwenu, kodwa ziyoba wugibe nonoxhaka kini, nenkalivasi ezinhlangothini zenu, nameva emehlweni enu, nize nibhubhe kuleli lizwe elihle uSimakade uNkulunkulu wenu aninike lona.


Kodwa ningamhlubuki uSimakade, ningabesabi abantu bakulelo lizwe. Bayofana nesinkwa nje kithi; umthunzi wabo usukile phezu kwabo, kodwa uSimakade unathi. Ningabesabi.”


Ama-Amaleki namaKhanani ayehlala kulelo lezintaba ehla abashaya, abaqothula, abahlakaza bagcwala izinkalo kwaze kwaba seHorma.


“Vuka nkemba, umelane nomelusi wami, umelane nomuntu ongumgani wami. Shaya umelusi, ukuze kuhlakazeke izimvu, ngiyakuphendulela isandla sami kumawundlu,” kusho uSimakade Wamabandla.


Izizwe wazithobisa zaba phansi kwethu, nabantu phansi kwezinyawo zethu.


“Manje-ke, Israyeli, uSimakade uNkulunkulu wakho ufunani kuwe, na? Ukuba umesabe uSimakade uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uSimakade uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho,


Sengathi ngabe wayilalelisisa imiyalo yami! Khona ukuthula kwakho bekuyokuba njengomfula, nokulunga kwakho njengamanzi olwandle,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite