Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 81:12 - IsiZulu 2020

12 Ngase ngibayekelela enkanini yenhliziyo yabo, bahamba ngokuthanda kwabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngase ngibayeka enkanini yenhliziyo yabo ukuba bahambe ngokuthanda kwabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngakho ngabanikela enkanukweni yenhliziyo yabo, bahamba ngamacebo abo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 81:12
20 Referans Kwoze  

Kepha abalalelanga, abayibekanga indlebe yabo kwengikushoyo, kodwa bahamba ngokobulukhuni benhliziyo yabo embi; bahlubuka, bahlehlela emuva, abaze baqhubekela phambili.


Ngakho-ke uNkulunkulu wabanikela ezinkanukweni zezinhliziyo zabo ukuba baqhubeke ekungcoleni, bathela ngehlazo imizimba yabo.


USimakade uthi: “Maye, kubantwana abahlubukayo, abenza amacebo okungewona awami, abenza isivumelwano esiphambene nomoya wami, ukuze bathasisele isono phezu kwesinye.


Kepha uNkulunkulu wabafulathela, wabanikela ukuba bakhonze ibandla lezulu, njengokuba kulotshiwe encwadini yabaphrofethi, ukuthi: “ ‘Nanginika yini imihlatshelo neminikelo iminyaka engamashumi amane nisehlane, nina ndlu ka-Israyeli na?


othe ezizukulwaneni ezidlulileyo, waziyeka izizwe zonke ukuba zihambe ngezindlela zazo.


Uma abantwana bakho bonile kuye, wabanikela emandleni eziphambeko zabo.


USimakade wathi: “UMoya wami awuyukuhlala phakathi kwabantu kuze kube phakade, ngoba bayinyama nje. Iminyaka yabo yokuphila isizoba yi-120.”


USimakade wathi kuMose: “UFaro ngeke akulalele ukuze izimangaliso zami ziphindaphindwe eGibhithe.”


“ ‘Kepha uma ningangilaleli, ningayigcini yonke le miyalo,


Kepha abantu bala baphetha ukulalela izwi likaSamuweli, bathi: “Qha, sifuna ukuba kube khona inkosi isibuse,


ngokuba abalalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wabo, kepha beqa isivumelwano sakhe; nakho konke ayeyale ngakho uMose, inceku kaSimakade, kabavumanga ukukulalela nokukwenza.


“Kepha bona nokhokho bethu benza ububi, baziphakamisa, baba nenkani, bayephula imiyalelo yakho.


Bangabantwana abahlubukileyo, abantwana abaqamba amanga, abantwana abangathandi ukulalela umthetho kaSimakade,


Ngubani owanikela uJakobe ukuba aphangwe, no-Israyeli kubaphangi na? Akusiye yini uSimakade lona esonile kuye, abangavumanga ukuhamba ngezindlela zakhe, nokulalela umthetho wakhe na?


Nginitshelile namuhla, kodwa anililaleli izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, ngisho nokukodwa nje angithume khona kini.


“ ‘Kepha bangihlubuka, abafunanga ukungilalela, kwaba yilowo nalowo akaze azilahla izinto ezenyanyekayo ezaziphambi kwakhe; abazishiyanga izithombe zaseGibhithe, ngase ngithi ngiyakuthululela ulaka lwami phezu kwabo; intukuthelo yami ephelele ngiyithululele kubo eGibhithe.


UNkulunkulu wami uyakubalahla, ngokuba abamlalelanga, bayakuba yimihambima phakathi kwezizwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite