Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 80:13 - IsiZulu 2020

13 Usudliwa yingulube yehlathi, uqothulwa yizilwane zasendle.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ingulube yasehlathini iyawudla, nezilwane zasendle ziyawuqothula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Izingulube zehlathi ziyawudla, nezilwane zasendle ziyawudla zawuqeda.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 80:13
15 Referans Kwoze  

Ngakho-ke ingonyama yehlathi izobahlasela, impisi yasehlane ibabhubhise, ingwe icuthele imizi yabo; bonke abaphuma kuyo ibadweshule, ngokuba iziphambeko zabo ziningi, nokuhlubuka kwabo kukhulu.


Ingonyama iphumile ehlokozini, umbhubhisi wezizwe uyeza; uphumile endaweni yakhe ukuba enze izwe lakho libe yincithakalo, imizi yakini icekelwe phansi, kungabi bikho ohlala kuyo.


Izingange zomuzi zabhodlozwa. Wonke amabutho abaleka, aphulukundlela emzini ebusuku, aphuma ngendlela esesangweni eliphakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi. AmaKhaledi ayewuzungeze nxazonke umuzi, nokho amabutho ahamba ngendlela eya e-Arabha.


UNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele ungidlile wangiqeda; ungenze isitsha esingenalutho, wangigwinya njengodrago; ugcwalisile isisu sakhe ngokumnandi kwami, wangiphalaza.


USimakade wabafulathela bonke abozalo luka-Israyeli, wabahlupha, wabanikela esandleni sabaphangi, waze wabalahla ebusweni bakhe.


Uphakamise esokunene sezitha zakhe, wajabulisa zonke izitha zakhe.


Ngakho-ke manginitshele engizokwenza esivinini sami: ngizosusa uthango lwaso, ukuze sidliwe, ngibhidlize ugange lwaso, ukuze sinyathelwe.


Kepha wasishulwa ngolaka, wathelwa othulini, umoya wasempumalanga womisa isithelo sawo; isiqu sawo esiqinileyo, sabuna, saqothulwa ngumlilo.


Izihlangu zamabutho akhe zibomvu, amadoda anamandla agqoke okubukhwebezane, izinqola zensimbi zibengezela umlilo ngosuku azilungiselela ngalo, imikhonto iyaveva.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite