Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 79:8 - IsiZulu 2020

8 Mawungasibaleli amacala akuqala, umusa wakho mawusheshe usihlangabeze, ngokuba sesibuthakathaka kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Mawungasibaleli amacala akuqala; umusa wakho mawusheshe usihlangabeze, ngokuba sesibuthakathaka kakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ungakhumbuli ububi bethu besikhathi esidlule; umusa wakho mawubonakale kithi masinyane, ngokuba sithotshisiwe kakhulu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 79:8
18 Referans Kwoze  

Simakade, ungathukutheli kakhulu, ungazikhumbuli iziphambeko zethu kuze kube phakade. Sonke phela singabantu bakho.


Kulalele ukukhala kwami, ngokuba ngicindezeleke kakhulu, ungihlenge kwabangizingelayo, ngoba banamandla kunami.


USimakade uyamvikela ongenakuzisiza; lapho ngithotshisiwe, Yena wangisindisa.


Uyihlangabeze ngezibusiso ezinhle, wayethwesa umqhele wegolide elicwengekileyo ekhanda layo.


Ngokuba izono zalo sezifinyelele ezulwini, noNkulunkulu wakhumbula ukungalungi kwalo.


Sebeshone shi enkohlakalweni njengasezinsukwini zaseGibheya; uyakukhumbula iziphambeko zabo, abajezisele izono zabo.


Imihlatshelo eyethulwa kimi bayayihlaba, badle inyama yayo, kodwa uSimakade akayithokozeli. Manje uyasikhumbula isiphabheko sabo, abajezise ngezono zabo, babuyele eGibhithe.


Nkosi, ngakho konke ukulunga kwakho mawubuyise intukuthelo yakho nokufutheka kwakho emzini eJerusalema, intaba yakho engcwele, ngokuba ngenxa yezono zethu nangobubi bokhokho bethu iJerusalema nabantu bakho sebeyihlazo kubo bonke abasizungezileyo.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantu bakwa-Israyeli, ezizweni zamambuka, ezihlubukile kimi, zona nokhokho bazo zonile kimi kuze kube namuhla.


Uma Wena Simakade ungaqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?


Kaningi wabahlenga, kodwa bahlubuka ngezinhloso zabo, baqunjwa phansi yiziphambeko zabo.


Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami, ngokwesihawu sakho ngikhumbule, ngenxa yokulunga kwakho, Simakade!


Wayesethi ku-Eliya: “Kodwa ngikone ngani wena muntu kaNkulunkulu? Uze lapha ukuba uzongikhumbuza isono sami nokuba kufe indodana yami na?”


“Umfokazi ohlala phakathi kwenu uyodlondlobala kunawe, wena uye ngokuya wehla.


Hamba manje, uhole abantu ubayise endaweni engakhuluma ngayo kuwe. Uyabona-ke, ingelosi yami izohamba phambi kwakho, kodwa lapho lufika usuku lokubajezisa, ngiyobajezisa ngenxa yesono sabo.”


Kuyothi isizukulwane sakho sesine sibuyele kule ndawo, ngokuba ukona kwama-Amori akukapheleliswa.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite