Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 78:7 - IsiZulu 2020

7 Bayobeka ithemba labo kuNkulunkulu, bangakhohlwa yimisebenzi kaNkulunkulu, ukuze bagcine imiyalo yakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 babeke ithemba labo kuNkulunkulu, bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu, kepha bagcine imiyalo yakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ukuze bathembele kuNkulunkulu futhi bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu, kodwa bagcine imiyalo yakhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 78:7
26 Referans Kwoze  

Sengathi kungaba njalo enhliziyweni yabo, bangesabe, bayigcine njalo yonke imiyalelo yami, ukuze kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.


Nakhu ukubekezela kwabangcwele abagcina imiyalo kaNkulunkulu nokukholwa nguJesu.


Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba siyigcine imiyalo yakhe, futhi imiyalo yakhe ayinzima.


“Kepha qikelela, uqaphele kakhulu, funa ukhohlwe yizinto ozibonile ngamehlo akho, funa zisuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana babo nokuthi,


Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, ungaze wakhohlwa yimisebenzi yakhe yonke yomusa,


Ngoba ubambelele kimi, ngizomhlenga, ngimvikele, ngokuba walazi iGama lami.


Ubusisiswe umuntu owethemba uSimakade, ongaphendukeli kwabazikhukhumezayo, nakulabo abaphambukiswa ngonkulunkulu bamanga.


Qaphela, funa ukhohlwe nguSimakade uNkulunkulu wakho ungayigcini imiyalo yakhe, izehlulelo zakhe, nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla.


Uyoyikhumbula yonke indlela uSimakade uNkulunkulu wakho akuhola ngayo le minyaka engama-40 ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, ukuze azi okusenhliziyweni yakho, ukuthi uyoyigcina yini imiyalo yakhe noma qha.


okungaye nikholwa kuNkulunkulu, Yena owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu nethemba lenu kube kuNkulunkulu.


yabonga, yasihlephula, yathi: “Lokhu kungumzimba wami ohleshulelwe nina; kwenzeni lokhu ukuba ningikhumbule.”


Ubusisiwe lowo omsizi wakhe kunguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuSimakade uNkulunkulu wakhe,


Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo, nezibonakaliso zakhe, nezehlulelo zomlomo wakhe,


Mphefumulo wami, thula, ulindele uNkulunkulu kuphela, ngokuba ithemba lami livela kuye.


kodwa uqaphele ukuba ungakhohlwa nguSimakade owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


“Uyakuthi endodaneni yakho: ‘Sasiyizigqila zikaFaro eGibhithe, kodwa uSimakade wasikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla.


Kuyakuba ngukulunga kithi, uma siqaphela ukuyenza yonke le miyalo phambi kukaSimakade uNkulunkulu wethu, njengalokhu esiyalile.’ ”


ukuze baqaphele ukugcina izimiso zakhe nemithetho yakhe. Haleluya!


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite