Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 78:63 - IsiZulu 2020

63 Izinsizwa zakhona zagwinywa ngumlilo, izintombi zakhona zangahayelwa nkondlo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

63 Izinsizwa zabo zadliwa ngumlilo; izintombi zabo azihutshelwanga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

63 Umlilo waqeda izinsizwa zabo; namadodakazi abo abendiswanga.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 78:63
8 Referans Kwoze  

Emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema ngiyakuwuthulisa umsindo wokujabula nowokuthokoza, nezwi lomyeni nelikamakoti, ngokuba izwe liyakuba yincithakalo.’ ”


Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngizakuqeda kule ndawo, phambi kwenu, nasemihleni yenu, umsindo wokujabula nowentokozo, izwi lomyeni nezwi likamakoti.’


Futhi ngiyakuqeda nya kubo umsindo wokujabula nomsindo wentokozo, izwi lomyeni nelikamakoti, nomsindo wamatshe okusila nokukhanya kwesibani.


Ngalolo lusuku abesifazane abayisikhombisa bayobamba indoda eyodwa, bathi kuyo: “Sizozondla thina, sizembathise ngokwethu, kuphela nje masibizwe ngegama lakho, ususe ihlazo lethu.”


Ngakho-ke lapho uSimakade ekuzwa lokho, wathukuthela, kwavutha umlilo kwaJakobe, ulaka lwakhe lwehlela ku-Israyeli,


Ngokuba umlilo uphenjwe yintukuthelo yami; uyabhebhetheka kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uyaqothula umhlaba nezithelo zawo, wokhela nezisekelo zezintaba.


uSimakade angamthetheleli, kodwa intukuthelo kaSimakade nesikhwele sakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uSimakade alesule igama lakhe phansi kwezulu.


Abantu bakhononda, uSimakade wezwa, kwaba kubi ezindlebeni zakhe, ngakho-ke intukuthelo yakhe yavutha phakathi kwabo, umlilo kaSimakade washa ubuhanguhangu phakathi kwabo, wabhubhisa ngisho imikhawulo yenkambu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite