Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 78:49 - IsiZulu 2020

49 Ukuvutha kolaka lwakhe wakuthululela phezu kwabo, ulaka, ukufutheka nokuhlupheka, ngokuthuma izithunywa zobubi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

49 Waphonsa kubo ukuvutha kwentukuthelo yakhe, nolaka, nokufutheka, nokuhlupheka, ngokuthuma izithunywa zobubi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

49 Waphonsa phezu kwabo ukuvutha kwentukuthelo yakhe, nolaka, nokufutheka, nosizi, ngokuthuma izingelosi ezimbi phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 78:49
12 Referans Kwoze  

Uyakunisa imvula yamalahle avuthayo nesibabule phezu kwababi, nomoya weshisandlu ube yisabelo sabo.


Lapho ingelosi yelula isandla sayo ukuba ibhubhise iJerusalema, uSimakade wazisola ngalobo bubi, wayimisa ingelosi eyayibhubhisa abantu, wathi: “Sekwanele.” Ingelosi kaSimakade yayisesibuyeni sika-Arawuna, umJebusi.


Ebukhulwini bobukhosi bakho uthele phansi labo abamelana nawe, uthumele intukuthelo yakho yabaqothula njengamahlanga.


Igazi liyokuba wuphawu lwenu ezindlini lapho nihleli khona: uma ngibona igazi, ngiyokwedlula kini, ngeke ubhubhane lunibhubhise lapho ngishaya iGibhithe.


“Ngakho-ke ngilindeni,” kusho uSimakade, “kuze kube lusuku engisukuma ngalo ngiphange, ngokuba kuyisinqumo sami ukuqoqa izizwe, ngihlanganise ndawonye imibuso, ukuba ngithululele kuzo intukuthelo yami, lonke ulaka lwami oluvuthayo, ngokuba wonke umhlaba uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wami.”


USimakade uyikhombise ngokugcwele intukuthelo yakhe; wathulula ukuvutha kolaka lwakhe, wathungela umlilo eZiyoni, oqothule izisekelo zalo.


Wathela phezu kwakhe ukufutheka kwentukuthelo yakhe, nesihluku sempi; kwavutha nxazonke, kodwa akaqondanga; kwashisa, nokho akazange akubeke enhliziyweni yakhe.


UNkulunkulu uyakugcwalisa isisu sakhe ngezinhlupheko, anise ukuvutha kwentukuthelo yakhe phezu kwakhe.


USimakade wathi kuSathane: “Kulungile-ke, konke anakho kusesandleni sakho, kodwa uze ungamthinti yena ngesandla sakho.” USathane wayesesuka ehamba ebukhoneni bukaSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite